NKOSIKHONA CELE
UMCULI wowokholo osezakhele udumo ngomculo weZayoni ukhuthaza ubumbano nokusebenzisana kuleli bandla.
UNtombifuthi Ngwenya odume ngelikaMkhokheli nosemnkantshubomvu emculweni uthi ubumbano luwumgogodla wokuphila kwebandla laseZayoni.
Uthe ufisa ukubona ubumbano kusukela emabandleni aseNingizimu Afrika kuya kwawaseSwatini kuze kuyokapakela eBotswana naseZimbabwe.
"Njengomculi waseZayoni ngikholwa ukuthi ubumbano kuleli bandla nokusebenzisana kungaba ukhiye omkhulu ekutheni libe nenqubekela phambili,'' usho kanjena.
Uthe ufisa ukubona leli bandla futhi lamukelana ngokuhluka kweziphiwo zalo.
Uthe iZayoni ezenza isikhalanga, isigege nezicula umculo wesimanje zonke kumele zibumbane.
Lo mculi phambilini uke wabonakala esebenzisana nabanye abaculi abaziwayo.
Phakathi kwabo kubalwa u-Andile Majola, Sipho Makhabane, Jabu Hlongwane, Thulani Manana neqembu iMithente.
Ukusebenzisana nabo bonke laba bantu uthe kumkhulisile kakhulu, wafunda nokubaluleka kobumbano kunoma yini esuke yenziwa ngaleso sikhathi.
Ulungiselela ukukhipha isingili esihloko sithi Ukhona UBaba Uzosilwela.
Uthe emva kwalokho uzobe esekhipha i-albhamu enezingoma ezingu-12.
Uzoyikhipha ngaphansi kweDube Brothers. Ubonge nokwesekwa abantu abathanda umculo wakhe.