Umbhali wasoShabeni, ePort Shepstone, uZama SP Shange usezakhele udumo ngencwadi azibhala ngakuboniswa ngabadala.
Le ntokazi eganele eZingolweni kodwa egobe amadlangala eMobeni Heights, eThekwini, ithe yaqala ukubhala ngo-2021 ngencwadi ethi Imfihlo Yabaphansi eyayambulelwa ngephupho.
"Ngase ngiqhubeka nokubhala enye ethi Gobhoza Mthombo Wobuciko, okuyincwadi ekhuluma ngezinkondlo, sengizwakalisa imizwa yami engibenayo emuva kokubhala Imfihlo Yabaphansi."
UZama (38) uthe njengamanje ubhala incwadi yesithathu esihloko sithi Amandla Amasha, nayo eqhubeka nokuzwakalisa imizwa ngezinto ezenzekayo empilweni yakhe.
"Ukuqala ukubhala lez incwadi bekungasiyo imicabango engikhule nginayo kodwa isizathu esenze ngayibhala ukuthi ngaba nesambulo esifikayo kimina, ngase ngathatha isinqumo sokusilandela. Ngilalele nemibono evela kuso."
Uthe Imfihlo Yabaphansi ikhuluma ngomlando nje wabantu abansundu futhi abakholelwa ethongweni, "phecelezi kwimimoya yabantu abangasekho ekuyiyona eyangimbulela izinto eziningi ezenzekayo kulo mhlaba nesizathu kungani sizenza lezo zinto kanye nokuthi uthini umlando wazo.
“Le ncwadi ikucacisa ngokusobala ukuth imfihlo iwulwazi olujulile noluhlala kulowo muntu osuke elwazi, iphinde iveze ukubaluleka kokuphuma kwemfihlo ukuthi imiqondo yabantu abasuke betshelwa ngaleyo mfihlo iyaguquka uma sebeqondisise kahle ukuth ngabe iyini le mfihlo abatshelwa yona."
Uthe le ncwadi ikubeka ngokusobala ukuthi wonke umuntu unesambulo ambulelwa sona bese kuya ngokuthi uyakholelwa yini kuleso sambulo esivukayo kuyena noma cha.
Uthe akagcini ngokubhala kodwa usezisungulele umkhiqizo wokukhulisa izinwele, okungezinye zezinto ambulelwe zona.
"Ngaqala ngikholelwa kwisambulo kuqala, ngaqala ngawakha ngenhloso yokulekelela abantu abanenkinga yezinwele ezingabagculisi nezingqinamba nje ezihlukahlukene ababhekana nazo uma izinwele zabo zikhula."
UZama wafunda emabangeni aphansi eMbalencane Primary, wabe esedlulela eMangquzuka High naseDurban University of Technology nase-Unisa enza khona izifundo ze-Diploma (Public Management).
Ubusiswe ngezingane ezintathu, okungabafana ababili nentombazane, ushade noMuzi Shange waseZingolweni, ePort Shepstone.
“Ngiziphilisa ngamabhizinisi engazisungulela wona, i-Eyamadima Events, eyenza imicimbi nokupheka; ukubhala izincwadi, kanye nenkampani yemikhiqizo yezinwele ezolekelela kakhulu abantu abanezingqinamba zokukhulisa izinwele zabo,” kuphetha uZama.