UMCULI kamaskandi usola ukusebenzisa imithi yesintu ehlaselwa ukugula okuyingozi athe kucishe kwadlula naye.
UKhangelani “DSD” Mhlongo Ugqoko, uthe uhlaselwe ukugula okwenze izinso zangasebenza. Lokhu kulandela ukuthi ememezele ukuthi uzokhipha i-albhamu yakhe i-One More Year ngoDisemba kodwa yagcina ingaphumanga. Bese kukhona nabantu abese beyikhokhele ingakaphumi njengoba bekulindeleke iphume ngoDisemba 2 nyakenye.
Exoxa neSolezwe, uthe namanje akakalulami kahle futhi usahamba odokotela ngenxa yakho ukungasebenzi kwezinso.
“Isimo sami besingesihle kakhulu. Bengiphuma ngingena kodokotela ngizama ukuzisindisa njengoba ngithole ukuthi izinso azisasebenzi ngendlela. Noma ngingazi ukuthi kudalwe yini ukuthi zingasebenzi kodwa ngisola lezi zinto esibuye sizidle njengezimbiza. Inkinga ukuthi zisuke zingahloliwe ndawo futhi ungazi noma uphuza isikali esanele yini, uzithole usugula kungenzekanga ngendlela eyiyo,” kusho uDSD.
Bese kunezikhalo zokuthi uDSD uthathe imali yabantu athe ababe bekhokhela i-albhamu yakhe engakaphumi okuyinto eyenziwa yibona bonke abaculi kumaskandi kodwa eyakhe yagcina ingaphumanga. Kukhona abese bebona ukuthi baqoliwe.
UDSD uthe akekho umuntu amqolile kodwa uyazi ukuthi kunasebeyikhokhelile.
“Okwamanje ngisazama ukunaka impilo yami futhi angikhohliwe ukuthi kukhona asebekhokhile. Imina impela owakumisa ukuthi iphume ngendlela ebengigula ngayo ngoDisemba. Bengifuna ukuthi ngize ngilulame kahle bese iyaphuma. Okwamanje angikabi nalo usuku oluqondile lokuthi izophuma nini kodwa ngisacabangela ukuthi kube iPhasika. Abavele sebeyikhokhele bayothunyelelwa umsebenzi asebewukhokhele. Uma senginesiqiniseko sosuku nabanye abanesifiso sokuyikhokhela ingakaphumi ngizobazisa,” kusho yena.
Uthe abasola ukuthi ubaqolile, akubona abalandeli bakhe labo ngoba abalandeli bakhe bayasazi isimo sempilo yakhe nabhekene nakho manje. Uthe uyaxhumana nabantu abaseduze kwakhe ebazisa ngokuqhubekayo ngesimo sakhe. Uthe uma konke sekumi ngomumo uzozazisa nezinduna zabalandeli.