UMCULI wokuqala kamaskandi ukuhlukanisa unyaka kuKhozi FM ngo-2016, uMroza Fakude, ukhale ngokubhuqwabhuqwa yindlala ngenxa yokuthi akasaqashwa.
UMroza uneke usizi lwakhe enkonzweni yomngcwabo yomdlali wesigingci sebhesi, u-Aaron Maqhude Mkhize ebisePhola Park Hall, Ekurhuleni, ngoMgqibelo. UMroza uthe ubemthanda umufi kwazise futhi ubezimisele ukufaka naye emnikelelweni kodwa akabanga nawo amandla.
"Baba uKhabazela, ulale kahle khehla! Bengikuthanda, amandla engingenawo. Ukube ngisaqashwa, ngisasebenza, ngabe ngiyakukhipha nami enginakho. Amandla khehla awekho. Kodwa ngibonga ukuthi ngisaphila," usho kanje uMroza ehlengezela izinyembezi maqede wangabe esakwazi ukukhuluma ngenxa yomunyu omvukile.
Wehle esteji ehamba esula izinyembezi ngejakhethi. Sekungumlando ukuthi ubudlelwano bukaMroza nenkampani ayesengaphansi kwayo, iMabala Noise, abuphelanga kahle njengoba ashiya ekhala ngokuthi kudliwe amandla akhe njengoba yayinqwaha nemiklomelo ayeyiwine kwiSABC Summer Song, okubalwa kuyo isamba sikaR150 000 nemoto iKia Picanto eyayibiza uR129 000.
Esezimele uMroza kwasabalala izindaba zokuthi usegula ngekhanda futhi akasalubhadi emicimbini asuke eqashwe kuyo. Nakuba kunjalo ukhuze ibuya endimeni, esesizwa nguThokozani "Somnandi" Langa.
Emngcwabeni, uSomnandi umemezele ukuthi amaciko omculo wesintu akwaze ukuqoqa umnikelo kaR8 700. UNtencane uthe uyafisa ukuba kuphele ukucula ngeCD emicimbini ngoba kulambisa abadlali bezinsimbi.
UMaqhude ushonele esibhedlela iCharlotte Maxeke eGoli, ngezintathakusa zangoMgqibelo owedlule, emuva kokuhlushwa inkinga yokuphefumula futhi ekhala ngezinhlungu esifubeni.
Ukugula kwamqala ngo-2020 ngesikhathi ehlaselwa yisifo sohlangothi waze waquleka egaraji likaphethroli. Ungene ephuma ezibhedlela kwaze kwaba kuyamenela ukufa.
UMaqhude usebenze nabaculi abaningi abadumile bakamaskandi nabombhaqanga kusukela ngo-1980, okubalwa kubo uMfazomnyama, Izingane Zoma, Mgqumeni, Mtshengiseni Gcwensa, Khuzani nabanye. Nguye obedlala isigingci sebhesi ezingomeni ezihlukanise unyaka oKhozini, okungekaNtencane ethi Wawuthembeni nekaKhuzani ethi Ijele.
UMaqhude waKwaMaphumulo, eKZN, ushiye emhlabeni umkakhe nezingane, futhi ufihlwe emathuneni ase-Elsburg, Ekurhuleni.