UMCULI kamaskandi ukhala ngokucindezelwa kwabesifazane abangomaskanda, ngenxa yalokho usengene emkhakheni wezokulingisa, ngenhloso yokuzama imali yokuziphilisa.
UKholeka Qhawekazi "iNdodakazi yeNtandane" Chamane waseLovu, eThekwini osezinze eGoli, ungomunye wabalingisi emdlalweni okhonjiswa kwi-1 Magic kusukela ngoMsombuluko, kuya kuLwesine ngo-9.30 ebusuku.
Ekhuluma nentatheli yeSolezwe ngeSonto, uthe uthathe lesi sinqumo ngemuva kokubona izinto zingahambi kahle emculweni kamaskandi.
"Kumaskandi sivalelekile thina bantu besifazane. Inkinga wukuthi ngeke siluyeke lolu hlobo lomculo ngoba siyaluthanda. Ayifani indlela esiqashwa ngayo neyomaskanda besilisa," kusho iNdodakazi yeNtandane.
Iqhuba, ithe ukulingisa bekungokunye kwezinto ebilokhu inesifiso sokuzenza, okuthe uma kuvela ithuba yaligxumela.
"Yize kunezinselelo esibhekana nazo thina bomaskanda besifazane, angizimisele nhlobo ukuyeka umaskandi. Kumanje ngine-albhamu engingakaqedi ukuyihlanganisa, ephazanyiswe yizinkinga zokungabi namali. Ukuqopha ingoma kudinga izinto eziningi, ezihambisana nemali. Yingakho nje ngenza nomsebenzi wokulingisa. Nginethemba lokuthi i-albhamu izogcina ihlangene futhi ngikholwa wukuthi izohlangana ungakashayi uJuni njengoba sekunezinto ezimbalwa kuphela ezibambe ukuthi iphele," kusho umculi.
Indodakazi yeNtandane isike yalingisa indawo engagqamile emdlalweni okhonjiswa kwi-e.tv, Imbewu: The Seed
Isike yabonakala nasezikhangisweni zethelevishini.
UXolani Mcineka ongumhleli wemcimbi womaskandi uthe, okushiwo Indodakazi yeNtandane kuliqiniso elimsulwa kodwa ukholwa ukuthi nabo abaculi besifazane kumele bakusukumele ukwenza izingoma ezisezingeni lalezo ezikhiqizwa omaskanda besilisa.
"Ikhona yona inselelo ababhekene nayo. Kuvamisile ukuthi isibalo sabesifazane singefani nesabesilisa abaqashwa emcimbini yokunandisa. Nathi bahleli bemicimbi yinto okumele siyibhekisise le ukuze bazibone bamukelekile nabo kulolu hlobo lomculo. Okunye okusemqoka ukuthi nabo bazijwayeze ukwenza izingoma ezizobenza baqashwe kakhulu abahleli bemcimbi.
“Izingane Zoma noMthente ngamanye amaqembu anabesifazane adlisa kakhulu. Namanje lamaqembu womabili asaqashwa kakhulu emcimbini eyahlukene ngenxa yezingoma zawo ezingaconsi phansi. Nabo - ke omaskanda besifazane kumele basike iphethini ngoba ngiyacabanga ukuthi abaculi abafana noBuselaphi bayafisa ukushiya abasebancane abazohamba ezinyathelweni zabo," kusho uMcineka.