UMCULI kamaskandi uGadla Nxumalo okwifilimu entsha iTales of a Zulu Folk Dancer: Igida Ngoma, ebikhonjiswa ngokukhethekile eSter Kinekor, eGateway, ukhala ngokusetshenziswa ngendlela engafanele kwamatemu embonini kamaskandi.
UGadla uthe kuningi okushiwo abantu okungekhona nokugcina sekuthathwa njengento ekhona.
“Sekujwayelekile ukuthi uzwe abantu bebizana ngezinkabi emculweni kamaskandi. Kwesinye isikhathi leli gama libuye lisetshenziswe abantu abaziwa ngokubulala abantu okuyinto engelona iqiniso. Umuntu obulala abantu akakwazi ukubizwa ngenkabi kodwa kuthiwa yinswelaboya. Kushiwo kanjalo ngenxa yokuthi isenzo sakhe siwubulwane ufaniswa naso kodwa yena uswele uboya ukuthi abe yisona ngokuphelele. Uma kusinwa ingoma umuntu obizwa ngenkabi yilo osuke egida ingoma. Usuke efaniswa nenkabi ngoba inkabi yinkomo esuke isitheniwe esilalela umthetho ngokuthi iboshelwe iyolima kuphela. Ngeke ubophele izinkunzi ezimbili ngoba kungaphuka izikeyi zilwa, kanti inkabi isuke isiyazi ukuthi umsebenzi wayo ukulima nje kuphela. Igidangoma lifaniswa nenkabi ngoba nalo linemithetho elilawulayo alizenzeli izinto ngokuthanda, lisuke selilawulwa yigoso lalo. Igoso alibizwa ngenkabi ngoba yilona elilawula igidangoma,” kusho uGadla.
Kule filimu uGadla uveza izinto eziningi ngokuba yigidangoma njengoba ethe uqale khona ekubeni yilona ngaphambi kokuba wumculi kamaskandi.
Ngisho notshwala, uthe bebeyalwa ukuthi bangabuphuzi ngoba buzophuma ngamakhala uma sebegida, yingakho babengayingeni eyabo uma begida ingoma.
Ngaphandle kwalokho, baningi abavela kule filimu bechaza ngohambo lwabo lokuba ngamagidangoma njengoba kukhona nothe usejikeleze amazwe eshaya ingoma. Abanye bancoma ukuthi ukuba yigidangoma kuyabaqoqa ngoba abazihlanganisi nezinto eziningi njengosebenzisa izidakamizwa nobugebengu.
Umsunguli wale filimu uPortia Ncwane naye oyigidangoma nophinde abe ngumlingisi wemidlalo yethelevishini, uthe isifiso sakhe ukuthi aqhubeke nokwenza amafilimu alolu hlobo ukuqinisekisa ukuthi kugcineka usiko.
Uthe akafuni ukugcina ngosiko lwamaZulu kuphela kodwa ufuna ukugcina eseveza nolwezinye izinhlanga. Ukubukwa kwefilimu bekuhanjelwe abantu abehlukene okukhona noZodumo Shange ongomunye wabalingisi bemidlalo yethelevishini nabasemkhakheni wamafilimu. Kuyona kuvela inqwaba yomaskandi okukhona kubona oNjoko “Ihobosha” Mbambo, Abafana bakaMgqumeni, Ibhova Elincane, Ali Mgube, uyena uGadla nabanye.