UMCULI kamaskandi osematheni kulezi zinsuku, ngengoma yakhe esiphenduke iculo lesizwe, uGatsheni uthi sekufike lapho ayefisa izinga lakhe libe khona emculweni.
UGatsheni unengoma ejatshulelwa cishe yiwo wonke umuntu, iHit After Hit, ese-albhamini yakhe esihloko esithi: Uyihlo Nonyoko. Uthe eminyakeni engu-11 esemculweni, ubevele enesifiso sempumelelo emculweni.
“Noma impumelelo abantu beyibuka ngokuba nemali, mina isifiso sami esikhulu akusona leso kodwa bengihlala ngifisa impumelelo ngokuba nomculo ozothandwa ngabantu futhi bawuqonde.
Okwenzeka manje kungijabulisa kakhulu futhi kungiphosela nenselelo yokuthi ngisebenze ngokuzikhandla ngaso sonke isikhathi ukujabulisa abathandi bomculo kamaskandi.
Ngisazoqhubeka ngibanike okuzobajabulisa njengoba ngimatasa nezinhlelo zokushutha ividiyo yaleli culo elithandwa ngabantu,” kusho uGatsheni.
Uthe ngo-Ephreli uzoqala umjikelezo wokunandisa kuzona zonke izifundazwe, ehamba noJaiva Zimnike.
Uthe umjikelezo wakhe ubizwa ngothi uMhlaba Uhlangene Maskandi Tour. Uthe ayikho ingoma ayicule ngokuhlanganyela noJaiva Zimnike okwamanje kodwa kuzothi kuqala umjikelezo, izobe isikhona abahlangene kuyona.
Uqhube wathi uma umjikelezo ungakwazanga ukufinyelela kuzona zonke izifundazwe, uzowuqedela ngonyaka ozayo ngoba uhlose ukuthi ufike kuzona zonke izifundazwe.
UGatsheni uhlala ededela amanoni athandwa ngabantu kodwa elakamuva lithandwe ukuwadlula wonke. Usake wakhipha elithi: Umfazi Oshaya Umthetho, Umalume, Ezingasoze Zabuna neHit After Hit.
Lo mculi wasoPhongolo, uthe umculo yinto yakubo, kusuka koyisemkhulu ababedlala zona iziginci becula nesicathamiya kodwa abazange bagqame ngawo.
Indlela ethokozelwe ngayo ingoma yakhe yakamuva uGatsheni, kuze kukhulunywe ngaye ngisho nasezinkundleni zokuxhumana.
Nasemakhasini ahlanganise abesifazane, iLadies House, sekuke kwasabalala nezithombe zakhe kukhala izintokazi ezithi zithathekile ngendlela abukeka ngayo, zithi zichazwa nayindlela amoyizela ngayo.
Ebuzwa ukuthi usethathile yini, uthe akakathathi, okwamanje ubesagxile ekuthuthukiseni ikhaya lakubo njengoba sebesele beyizingane, abazali bashona besebancane.