INTOKAZI yaseMpangeni, uNozipho Phiri, ithe bekuseyisiqalo abantu abamazela khona kwiJoyous Celebration.
Le ntokazi yaziwa ngezingoma okukhona kuzo ethi Mayenzeke, Mukhulu uJesu, nethi Ngizokulandela kuleli qembu.
UNozipho uthi maduze uzoqopha i-albhamu yakhe yokuqala bukhoma nathi kuye lokhu kuyisiqalo sokuzimela eyedwa emculweni.
Ekhuluma ngokuzimela, uveze ukuthi uhambo lwakhe okholweni lumbeke esicongweni.
“I-albhamu izokhuluma ngokuningi engidlule kukho. Ingoma ngayinye izobe ingena ijula kukhona konke engibhekane nakho, nemizwa ejulile engibe nayo empilweni njengoba sikhula futhi sibhekana nezingqinamba nezinto ezinhle. Kodwa sekwenzeke konke, uNkulunkulu akayekanga ukungibusisa futhi ngenye yezindlela zami zokumbonga le,” kuchaza yena.
Uthe ohambweni lakhe lokungena kowokholo izimo azimenzanga walahlekelwa yithemba kodwa waqhubeka nokufuna into ezomenza angasuki eduze kukaNkulunkulu wakhe.
“Esikhathini esincane ngashonelwa umama nodadewethu ababili. Leso simo sangihlukumeza kakhulu. Kodwa angilulahlanga ukholo lwami, ngafuna ukugxila ekumazini uNkulunkulu, ngafuna ukushumayela ngibuyise ithemba kubantu ngisebenzisa umculo, nokuyinto eyangelapha nami ngisazilile kuze kube manje,” kuchaza yena.
Uthe emculweni ungene ngo-2010 ngesikhathi engenele umcintiswane i-I Want To Sing Gospel.
Ukuphuma esigabeni sabayishumi abase besele, uthi akumqedanga amandla njengoba wathola ithuba lokungena kwiJoyous Celebration.
Uthe bonke abazohambela lo mcimbi bazophuma benethemba futhi bebusisekile.
Uveze ukuthi kukhona abangani bakhe nabanye ozakwabo emkhakheni wokholo abazohlanganyela naye ezingomeni zakhe ezihlukene nabazobonakala ngosuku azoqopha ngalo le albhamu.