UCHAZE ukuba wumuntu onamahlaya, ohlekisayo ngokwemvelo njengezinye zezinto ezenza abantu bachazeke ngendawo yesisebenzi sasendlini ayilingisa emdlalweni we-etv, Imbewu The Seed.
UYenziwe ‘Yenzi’ Sithole (28) odabuka KwaMaphumulo, uthe nakuba kungabanga lula efika kulo mdlalo ngoDisemba 2021, kodwa iyamjabulisa indlela abantu abayamukele ngayo indawo kaThandeka ayilingisayo.
“Bekunzima ngisaqala ngenxa yokungatholi isikhathi esanele sokulungisela le ndawo, ngoba ngangizovala isikhala somlingisi owayeshiya emdlalweni, kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngigcine ngenza okufunekayo.
“Nakho ukuba wumuntu onamahlaya ngokwemvelo kungisiza kakhulu ngoba kwenza abantu bakujabulele njalo ukuvela kwami emdlalweni, ngenxa yokuthi ngihlale ngikhuluma izinto ezenza bakitazeke, noma kungesiyo into etheni kwesinye isikhathi,” kuchaza uYenzi.
Lo mlingisi oseke walingisa emidlalweni eminingi yeshashalazi, waphinde wavela kancane kwiDurban Gen, uthe amava emidlalo yeshashalazi nawo enze kwaba lula ukwenza okufuneka emidlalweni yethelevishini.
“Ngiphinde ngazihlupha ngokucwaninga kabanzi ngabasebenzi basendlini, nokuthi abantu abaxakekile baphila kanjani.
“Ngisizwa nawukuthi umama wenza umsebenzi wokuhlanza, ngakho ngibuye ngicoshe okunye kuyena ukwenza umsebenzi ube lula,” kuchaza uYenzi futhi ongumhayi wezinkondlo ngesiNgisi.
Ephetha, uthe nakuba esajabule kwiMbewu kodwa njengawo wonke umlingisi, naye ufisa ukugcina eselingisa izindawo eziphambili kweminye imidlalo yethelevishini.