UMCULI kamaskandi ohlale engcwekisana nabanye ozakwayo ngezingoma, uthi ukhethe ukuphuma aphele kulo mkhuba nge-albhamu yakhe entsha.
Kwi-albhamu kaKhuzani ephuma namhlanje ethi Angidlali Nezingane, ayikho ingoma la etalabha khona ozakwabo kodwa ugxile esigqini esisha abengajwayele ukusisebenzisa kuma-albhamu adlule.
Le albhamu enezingoma eziwu-19, uthi kuzona kugcwele eziphethe umyalezo, izibongo ezihlukene azibhekise kubantu abamsizile kulo mkhakha akuwona.
Uthe yize abantu sebenomqondo wokuthi izingoma zakhe ezimbili ezizodlala isikhathi eside, zigcwele ukutalabhana kodwa ukhethe ukuphuma kuleso sigaba manje.
“Akukho muntu engimtalabhayo, ngiphumile kuleso sigaba, ngigxile ezingomeni ezizojabulisa abalandeli bami,” kusho uKhuzani.
UKhuzani kwenzeka lokhu nje, ngoLwesithathu kube nomsindo kuvela izindaba zokuthi uvulele icala enye yezinsizwa ebihlala imchapha ngenhlamba enkundleni yokuxhumana uTikTok.
USqiniseko Mvelase kuthiwe uthathwe ngamaphoyisa esakhuluma bukhona kuyona le nkundla.
UKhuzani uvumile ukuthi ulivulile icala emaphoyiseni aseHillbrow, wathi kodwa akukho azokukhuluma ngalo okwamanje njengoba konke kusemaphoyiseni.
Uthe kodwa indaba yokudicilelana ezinkundleni zokuxhumana nokuhlanjalazwa kwabantu kumele isukunyelwe njengoba ngelinye ilanga kuyovela umonakalo omkhulu.
Kule albhamu uveze ukuthi ujabulela abalandeli bakhe abazothola ubumnandi bodwa.
“Ngikhethe ukuza nesigqi esisha engingangabazi ukuthi abalandeli bami bazosijabulela kodwa esingaphumile nakancane kumaskandi njengoba nginabalandeli abaningi kangaka ngenxa yomculo wami. Izingoma ngizibhale ngenjongo yokujabulisa abalandeli bami futhi iningi lazo ngithumela imiyalezo ezothinta abaningi bese ngibonga kwabanye engisebenze nabo ezintweni ezihlukene ezithinta umculo nezingithuthukisile empilweni,“ kuchaza yena.
Uthe uyabonga kubantu asebenze nabo okukhona kubo uThibela, Sphe Dludla, Msezane nabanye.
“Ngibonga ethimbeni esengisebenze nalo iminyaka namanje elibe khona ekuhlanganiseni izimsimbi,” kuchaza yena.
Uthe le albhamu izotholakala ngo-2 emini kuzona zonke izitolo zomculo ku-online.
Izolo, uvezele amabalandeli bakhe i-video encane yenye yezingoma zakhe aseyenzile.