ISILOMO somlingisi ozakhele igama elingisa indawo kaLilly emdlalweni wakwiSABC 1, Uzalo, uNoxolo Mathula, useluleke ozakwabo kulo mkhakha ukungagxili ekulingiseni kuphela kepha baqale amabhizinisi ukuhlomela ubunzima.
Lo mlingisi usanda kushiya kulo mdlalo kulandela ukungavuselelwa kwenkontileka yakhe.
Lo mlingisi (29) waKwaMashu, ukhuluma kanjena nje, usanda kubonakala kwenye yamarenki yamatekisi aseThekwini, edayisa ukudla okusheshayo ama-hotdog.
“Anginawo namancane amahloni ngalokho. Umama wangifundisa ukungazenyezi ngokwenza into ezongisiza noma ngabe ibukeka iyimpoxo kwabanye.
“Uma into oyenzayo izokulethela imali, asikho isidingo sokushaywa ngamahloni ngayo. Engikwenzayo ngenye yezindlela zokuziphilisa, ngiyaziqhenya ngakho futhi akekho umuntu ongangitshela okunye ngalokho,” kusho uNoxolo oseke walingisa emdlalweni Ifalakhe.
Eqhuba, uthe kuyena kulula kakhulu ngoba abantu bamazela kwithelevishini, okwenza bakuthenge ubuthaphuthaphu ukudla akudayisayo.
“Abantu abaningi kabajwayele ukubonela abantua badumile eduze, ngakho bavele bajatshuliwenawukungibona nje, bese bethenga ukudla kwami,” usho kanje.
Ukhuthaze ozakwabo ukuthi baqale amabhizinisi aseceleni angahlangene nokulingisa, ngenkathi besasemehlweni abantu ukuze kubelula ukukhula nokudlondlobala kuwona.
“Mabenzenjalo besasemehlweni abantu ngoba abazukuhlala bedumile ngaso sonke isikhathi,” kweluleka uNoxolo obuye abe wumsakazi kwiNanda FM.