INKAKHA emkhakheni wokukhiqiza imidlalo uMandla N, ithe ithalente lokulingisa akade enalo uLebohang Lettie Mpyana namahlaya akhe ngeke baze bakulibale kalula.
UMandla wenkampani yokuqopha iBlack Brain, ukusho lokhu esitatimendeni abasikhiphe izolo ngemuva kokuvela kwezindaba zokudlula emhlabeni ngokuzuma kwalo mlingisi.
Izindaba zokudlula emhlabeni kwalo mlingisi obedume ngegama likaKhelina nokuyigama lomlingiswa abedlala indawo yakhe kwi-Diep City, zivele izolo ekuseni kanti yena ushone ngoLwesithathu ebusuku ngemuva kokugula isikhashana.
“Kusidumaze kakhulu ukuzwa ngokudlula ngokuzuma kangaka kwalo mlingisi onekhono elimangazayo. Waziwe kakhulu kuleli ngemuva kwekhono lakhe emkhakheni wokulingisa, nobekuhambisana namahlaya. Sizomkhumbula ngendawo kaKhelina ayilingise ngokuzimisela. Ukuba khona kwakhe uma sihlangene sishutha noma sihlezi silungiselela umsebenzi siyohlala sikukhumbula njengoba bekuzwakala uma ekhona. Umsebenzi awenzile ngaphansi kwenkampani iBlack Brain siyohlala siwukhumbula futhi siwuhlonipha emkhakheni wethelevishini,” kusho uMandla N.
Uveze ukuthi bayakhalisana kakhulu nomndeni wakhe nawo wonke umuntu othintwe umsebenzi kaLebohang.
“Sizomkhumbula kakhulu, kodwa ke umsebenzi wakhe uyohlala ukhunjulwa futhi uyobukwa izizukulwane nezizukulwane,” kuchaza yena.
Umndeni walo mlingisi omemezele izindaba zokudlula kwakhe emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana awandanga ngamaningi ukuthi yini ebimphethe.
Uveze ukuthi ugule isikhashana wase eyadlula emhlabeni.
Isiteshi iMzansi Magic, sidlulise amazwi enduduzo emndenini kaLebohang, kanjalo nakubalandeli bakhe.
“Sidumele kakhulu ngokuzwa izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni ngokuzuma okungaka. Siyazi ukuthi bekusekuningi azosinika khona kulo mkhakha wokulingisa. Kithina ubengaqali ukusebenza nathi kulo mdlalo, kodwa ubeyingxenye yentsha eyayizama inhlanhla ohlelweni ama-Idols SA, ngesizini ka-15,” kusho uShirley Adonisi obhekelele izinhlelo zakuleli kwaM-Net.
Ezinkundleni zokuxhumana, abalandeli bakaLebohang, bebelokhu bewafakile ama-video ahlukene bekhumbula lo mlingisi ngendawo kaKhelina eyathandwa abaningi.
U-@Remiazania1 uthe “Lala ngokuthula Khelina, ungomunye wabalingisi ebengibathanda”.
U-@DivineDudu uthe “Lokhu kubuhlungu. Sengathi umoya wakho ungaphumula ngokuthula”.