UKHUZA ibuya umculi wowokholo uKhaya Mthethwa, ekuphatheni uhlelo lomcimbi wezindondo amaCrown Gospel Music Awards, ozoba ngoNovemba 27, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.
UKhaya usanda kukhipha i-albhamu ethi Art & Worship (Live) kanti nguye obethula umcimbi ngonyaka odlule.
Konke sekumi ngomumo ngomcimbi wanonyaka ozoqoshwa. Nyakenye ubusingethwe phambi kwedlanzana ePlayhouse, eThekwini ngenxa yemithetho eyayinqanda ukubhebhetheka kweCovid-19 kanti ngo-2020 wawuseThe Station.
UKhaya ukuqinisekisile izolo ukuthi uzophatha uhlelo ngesikhathi ebuzwa yiphephandaba. “Yebo kunjalo bhuti, ngikhona,” kusholo mculi futhi ongumsakazi nomethuli wezinhlelo zethelevishini.
Amathikithi abedayisa eWorld Gospel Powerhouse ehlela umcimbi, kanti kumanje aseyatholakala naseTicketpro kusukela kuR350. Umcimbi uzoqoshwa bese usakazwa ngoDisemba 4, kwiSABC2.
Kwenzeka lokhu nje, phakathi kwemicimbi eyandulela umcimbi omkhulu wezindondo, ngeSonto kuzoba ne-Ayihlome eDurban Exhibition Centre, lapho kuzoqalwa ngomkhuleko bese kunandisa abaculi bowokholo.
NgoNovemba 22 kuzohanjelwe ekhaya lezintandane eMariannhill, lapho bezochitha isikhathi nazo bashiye nezipho.
Umsunguli wamaCrown, uZanele Mbokazi uthe ngoNovemba 25, bazoba ne-Iziko National Gospel Music Conference, eDurban Exhibition Centre, okuwumcimbi ozohlanganisa amaciko.
“Yingqungquthela okumele ithanyelwe lapho amaciko ezofundiswa ngezindlela zokubuyela esimeni ngemuva kweCovid-19.
Sinezikhulumi ezivela ezinhlanganweni ezinjengeSamro, Sampra neCapasso ezizokhuluma ngemali yokudlalwa komculo ekhona kubaculi. UMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uzokhuluma ngoxhaso olukhona, amaciko angazitholela lona emnyangweni,” kusho uZanele.
Uthe ezinye izikhulumi zihlanganisa abaculi, abadidiyeli, ummeli wezokungcebeleka nabanye. Uthe kungenwa mahhala.