LUZOPHINDE lushayelwe nguKhaya Mthethwa uhlelo emcimbini wamaCrown Gospel Music Award azoba seFNB Stadium, eGoli, ngoNovemba 26.
UKhaya, ongumculi wowokholo futhi ongumfundisi, uzobe ebambisene nomethuli wezinhlelo zethelevishini obuye abe ngumsakazi uRorisang Thandekiso.
Ngonyaka odlule uhlelo lwamaCrown ayeseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, lwaluphethwe nguye uKhaya futhi owayengaqali.
Umsunguli wamaCrown, uZanele Mbokazi, nguye oqinisekise ukuthi laba bazophatha uhlelo lwalo mcimbi ogubha iminyaka engu-16 wasungulwa.
Kuvela lezi zindaba nje, kulungiselelwa ukusingathwa kwemashi yokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, ukusetshenziswa kwezidakamizwa nobugebengu ezoba sezitaladini zaseSoweto ngoMgqibelo.
URofhiwa Nethengwe weWorld Gospel PowerHouse, ehlela amaCrown, uthe lona ngumcimbi wokugcina ngaphambi kokuthi basingathe amaCrown.
Uthe balindele abantu abalinganiselwa ku-3 000 okubalwa kubo abaculi bowokholo nomphakathi.
"Umkhuleko nendumiso yizikhali ezinamandla. Njengemboni yowokholo simema wonke amabandla namalungu omphakathi akhathazekile ngezihlava ezihlasele izwe. Asisukume sizothandaza ngomhla ka-18," kusho uRofhiwa.
Uthe imashi izobe iholwa nguNdunankulu waseGauteng, uPanyaza Lesufi noNgqongqoshe wezeMpilo uNomantu Nkomo-Relehoko noNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko uMorakane Mosupyoe nabaculi bowokholo.
Uthe kuzoqalwa eGrace Bible Church eSoweto ngo-9 ekuseni kuze kuqedwe kulona leli sonto ngo-11 ekuseni lapho kuzobe sekuqala khona umkhuleko obizwa nge-Ayihlome.
Uthe kuzobe kunabaculi abaqokiwe okubalwa kubo uDumi Mkokstad, Omega, Jumbo, Sbu Noah, Sbusiso Nzima, Jabulile Jay, Butho Vuthela nabanye. Kuzoba nabefundisi abehlukene.
Uthe amathikithi amaCrown azobe edayisa kulo mkhuleko.