UMLINGISI womdlalo weMy Brother’s Keeper, uVuyiseka Cawe, usedalule ukuthi indawo ayilingisayo inzima ukwedlula zonke aseke wazilingisa emidlalweni ehlukene yethelevishini kusukela efike ngo-2014 endimeni.
UVuyiseka ulingisa indawo kaNomsa Shabalala kulo mdlalo wakuMzansi Magic, phakathi nezinsuku ngo-7:30 ebusuku.
Manje lo mdlalo usagxile kuyena njengoba engabatholi abantwana nomyeni wakhe uNqubeko Bhengu (Wiseman Mncube), nosekuqala ukumthikameza emqondweni uNomsa.
UVuyiseka odabuka eGqeberha, e-Eastern Cape, uthe ukube akasebenzi nethimba elazi umsebenzi bekuzomehlula ukudlala le ndawo.
“Bekunzima kangangokuthi bekwenza ngizizwe sengathi yinto ebhekene nami okwangempela kanti cha. Ngiyakhumbula nokuthi kwezinye iziqephu bekuphoqa ukuthi siqhubeke siqophe ngingasashongo lutho ebengibhalelwe ukukukhuluma, ngikhala nje bese kuphela kanjalo ngoba kungenzeki khona,” usho kanje.
Uthe okumjabulisayo ukuthi le ndaba izovula amehlo abantu abaningi, yenze baqonde ukuthi izinto ezinjena ziyenzeka kubantu abathandanayo, nokuthi ukuthula kungakhulunywa ngazo kuba nomthelela onjani ebudlelwaneni.
“Kuzokwenza abantu babone ukuthi ziningi izimo eziholela ekutheni umuntu wesifazane angakwazi ukuthola umntwana futhi ngifisa kusize ukukhalima abantu abafakela abanye ingcindezi yokuthola abantwana, kwenze baqonde ukuthi kuyenzeka ufune umntwana, ungamtholi,” kusho uVuyiseka.
“Ngiyabonga nakuWiseman (Mncube) ngokungisiza ukuxoxa le ndaba ngendlela efanele. Bengingeke ngikwazi ukumelana naloku ngedwa, engekho yena nabanye ukungisiza,” usho kanje.
UVuyiseka ugqame kwezokulingisa kwi-Ekasi Our Stories ngo-2014, kanti useke walingisa nakweminye imidlalo esingabala kuyona i-New Age, The Queen, Imbewu: The Seed ne-Rockville.