Uhulumeni waKwaZulu-Natal usuphumele obala ngemali oyichithile ukweseka ukungcwatshwa komculi uMandla “Mampintsha” Maphumulo, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, ngoLwesihlanu.
UMampintsha, obeyilungu leBig NUZ, ushone ngoDisemba 24 ngemuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi.
Uhulumeni uthe kungamampunge okusabalele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uchithe imali elinganiselwa kuR50 million.
“Ngebhadi uhulumeni waKwaZulu-Natal uphoqeleka ukuphendula amanga asatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana, mayelana nokwesekwa kokungcwatshwa ngesizotha kwesihlabani sethu sekwaito negqom, uMandla “Mampintsha” Maphumulo,” kusho isitatimende.
Ihhovisi lithi okubuhlungu wukuthi lesi yisikhathi sokuzila ngokobuntu futhi kumele kwesekwe kuphinde kuhlonishwe nomndeni njengoba usazama ukwamukela ukushiywa yigazi lawo.
Uhulumeni uthe iHhovi likaNdunankulu likhiphe uR170 000, uMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko ukhiphe uR50 000, kwathi uMasipala weTheku wakhipha uR100 000.
“Sithanda ukunxusa abantu ukuthi bayeke ukusebenzisa budedengu izinkundla zokuxhumana, ngokusabalalisa amanga. Sinxusa futhi ukuthi abantu bakulesi sifundazwe bangakholwa noma yini eshicilelwa ezinkundleni zokuxhumana, kodwa bakholwe ngokushiwo yimithombo ethembekile yezindaba, okumele ibike ngendlela izindaba.”
Uhulumeni uthi uyaqhubeka nokweseka amaciko.