UMSAKAZI woKhozi FM uDudu “Lady D” Khoza uhlonishwe ngendondo iLifetime Achievement Award, kumaSebenza Women Awards abese-Aha Gateway Hotel ngoLwesihlanu ebusuku.
Umsunguli wemiklomelo uKini Shandu uthe bamhloniphe ngenxa yeqhaza alibambe endimeni kaqedisizungu.
“Intsha eningi ingasika ukhasi kuye ngendlela awuhlonipha ngayo umsebenzi wakhe nangokuziphatha kwakhe,” kusho uKini.
Uzakwabo kaLady D, uZimiphi “Zimdollar” Biyela uhlomule ngendondo yeWomen In Media. Uhlule uSithelo The DJ, uDJ Happy Gal nabanye.
Umculi uZandie Khumalo uthathe indondo yeBest Women in Arts. UKini uthe uhambe kahle futhi kulo nyaka ngoba bafunda emaphutheni enzeka emcimbini wokuqala, wangonyaka odlule.
“Silishayile ikhanda ebeselifaka enyokeni. Ngibonga ukwesekwa. Uma uThixo esasigcinile sizolokhu siyibambile futhi nezinga lizonyuka kakhulu,” kusho uKini.
Uthe abebengekho bazobona obekwenzeka kwiMoja Love ngoNovemba 13, ngesikhathi esingakaqinisekiswa.
Selulonke uhla lwabanqobile lunje:
Inspiring Young Woman - Sibusisiwe Buthelezi
Sebenza Girl Champion - Mbali Ngcobo
Emerging Entrepreneur - Brightness Ngcobo
Community Builder Of The Year - Ntokozo Ayanda Njilo
Sebenza Woman Champion - Thabisile S Mbuyazi
Best Woman In Sports - Phaty Dzanibe
Best Woman In Media - Zimiphi Zimdollar Biyela
Best Woman in Arts - Zandie Khumalo
Best Woman In Finance - Zibu Masotobe Sibiya
Best Woman In Construction - Nana Mzila
Business Leader Of The Year - Ms Zodwa Msimang
Chairman Award - Mbali Ngcobo
Lifetime Achievement Award - Dudu Khoza
UMSAKAZI woKhozi FM uZimiphi Biyela uhlomule ngendondo yeBest Women in Media kumaSebenza Women Awards ngoLwesihlanu Isithombe: SITHUNYELWE