UZIME othwele amathemba eKwaZulu-Natal, emncintiswaneni omkhulu wokumodela ezweni uMiss South Africa, uLebohang Khoza, uthi uzimisele ukusebenzisa umkhakha awufundele wezobuciko ukukhuthaza abamtu abasha ukusebenzisa amakhono ayo ehlukene ukuzelapha ngokomphefumulo.
Engxoxweni neSolezwe, uLebohang (27) waseMgungundlovu, ofundisa ezobuciko eCreative Art College, ophikweni oluseMgungundlovu, udalule ukuthi leyo ngenye yezinto akholwa wukuthi yenze igama lakhe laba khona kwabawu-16 bokugcina abamenyezelwe ngempelasonto.
“Into engiyiqaphelile ngalo mncintiswano wukuthi kudingeka ubunjalo bomuntu wesifazane, oza nendlela ehlukile yobuholi. Mina ukuba wumholi ngikwenza ngobuciko, kusukela endleleni engifundisa ngayo izitshudeni ekolishi nasendleleni engikhuthaza ngayo abantu ukusebenzisa ubuciko nokuvuleleka ngendlela abazizwa ngayo ukuze balapheke,” kusho uLebohang.
Eqhuba uLebohang oneziqu iBA Degree in Performing Arts, azithola enyuivesi iKwaZulu-Natal, uveze ukuthi ezobuciko yinto ephila ngaphakathi kuyena ngoba ungumculi futhi udlala nesiginci, yingakho esebenzisa bona ubuciko ukwedlulisa umyalezo wezinto akholelwa kuzona.
“Ubuciko yindlela elula nengabizi mali futhi engasiza wonke umuntu omusha onekhono lezobuciko ukwedlulisa umyalezo wakuzwa ngaphakathi, mina ngimele ukukhuthaza abantu abasha ukwenza njalo,” usho kanje.
Uhla lwezintokazi ezikwi-top 16 lwakhiwe ngabayisishiyagalolunye baseGauteng, abathathu baseMpumalanga, noyedwa e-Eastern Cape, KwaZulu-Natal, North West, naseWestern Cape.
Selu lonke uhla lwakhiwe ngoChidimma Adetshina, Kebalepile Ramafoko, Kirsten Khan, Layla Zoubair, Lethukuthula Maseko, Mia Le Roux, Naledi Matlakala, Nobuhle Langa, Nolene Spinks, Nompumelelo Maduna, Onalenna Constantin, Ontshiametse Tlhopane, Palesa Lombard, Reinette Potgieter noTaahira Katz.
Unobuhle ozonqoba, uzothatha isicoco kuNatasha Joubert, odle umhlanganiso nyakenye, uzomenyezelwa emcimbini ozoba seSunBet Arena, ePitioli ngo-Agasti 10.