UMLINGISI osanda kujoyina umdlalo wakwi-e.tv, iSmoke & Mirrors, uMelusi Yeni uthi zimjabulisa kakhulu izilokotho azithola kubantu ahlangana nabo lapho ehamba khona, bencoma iqhaza elibanjwa yindawo ayilingisa kuwona kaDetective Phakathi.
Lo mlingisi odabuka KwaMashu uqale ukubonakala emasontweni ambalwa adlule kulo mdlalo, lapho okugqame khona ukuthi nakuba eyiphoyisa elizikhandlayo ngomsebenzi walo, kodwa unenkinga ayivalele ngaphakathi, eyenza aphuze utshwala ngokweqile, ukuzama ukuyiziba nokuyilibala.
Eziqeshini zamanje zomdlalo, ubonakala ebhoboka kuMamiki (Kamo Letsosa), evuleleka kuyena ngezinkinga ezenza adlonye utshwala ngokweqile, inkinga esiqala nokuphazamisa umsebenzi awuthandayo wokuvikela umphakathi.
Engxoxweni neSolezwe, uMelusi uthe bese kuyisikhathi sokuthi alingise izindawo ezihlukile kunaziwa ngazo kwezokulingisa, njengoba aziwa ngokulingisa izindawo zokuba wusomabhizinisi noma umuntu owenza imisebenzi edinga ahlale efake isudi.
“Iqiniso wukuthi siphila emphakathini onenkinga yabantu abaphuza ngokweqile, neyokuthi abantu besilisa bafela ngaphakathi, abafuni ukubhoboka ngezinkinga ababhekene nezo, okuholela ekutheni babe nodlame kwabanye abantu.
“Manje yisikhathi esihle impela sokwandisa imidlalo yethelevishini ezogqamisa izinkinga ezibhekana nabantu emphakathini, futhi iveze nokuthi lezo zinkinga zingaxazululeka kanjani ukuze ababukeli basizakale,” kulanda uMelusi.
Ephetha, uthe amava akhe eminyaka ecishe ifinyelele kwewu-25 elingisa enze kwaba lula ukumelana nezinselelo zale ndawo.
Ngaphambi kokulingisa kwiSmoke & Mirrors, ekhonjiswa ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-9 kusihlwa, uMelusi uselingise emidlalweni esingabala kuyona iTshisa, i-The Wild, i-Home Afffairs, iMthunzini.com, iSokhulu & Partners, Isifiso neMbewu: The Seed ukukha phezulu.