UMAMPHO Moshoeshoe uthole ingqayizivele yethuba lokulingisa indawo yeNdlovukazi uNandi isencane kwiNandi The Musical ezokhonjiswa ePlayhouse Opera Theatre, eThekwini, kusukela ngoMashi 7.
UMampho (24) waseGlenwood uthe ukulingisa indawo yeNdlovukazi uNandi ingenye yezinto ezinkulu aseke wazidlala endimeni yezokulingisa e-theatre.
"Ngiyakhumbula ngosuku engakhethwa ngalo ukuba wumuntu wokuqala ukulingisa eduze kukaNtokozo Ngcobo, okunguye olingisa indawo kaNandi esemdala. Ngaba nemizwa ehlukene yokubonga, ikakhulukazi ngoba isizathu esangenza ngeza eK-CAP (eKhaya Multi-Arts Centre) yingoba bengiwubuka lo mdlalo kusukela ngo-2018 njengoba wawuqala ukukhonjiswa.“
Uthe wachazwa isimangaliso sabalingisi nombhalo weNandi The Musical, okuyikho okwamfaka ugqozi lokuthi ngelinye ilanga uyolingisa kuyo.
Ngangingazi ukuthi leso sithembiso sasingaphezu kwengangikulindele. Ngangingazi ukuthi ngangiyothi ngingena maqede nginikezwe indawo eqavile.
Namanje angikakholwa. Angazi ngingaqala kuphi ukubonga kuMhlonishwa u-Edmund Mhlongo ngokungithemba ngale ndawo engiyidlalayo."
Echaza ngale ndawo, uMampho uthe uNandi omncane yintokazi eyaziyo ukuthi ifunani empilweni, ekulwelayo ekufunayo, kungakhatheleki ukuthi izinselelo ehlangabezana nazo zinzima kangakanani.
"Ngiyahambisana kakhulu nendlela aziphethe ngayo, ngomusa nokuzigqaja nempokophelo anayo ngazo zonke izifiso anazo nokukwazi ukunqoba zonke izingqinamba ezifuna ukumqumba phansi kodwa uzama ngayo yonke indlela ukuthi uphumelela kukho konke akuhlosile. Le ndawo iyaqhubeka nokungikhuthaza ngazo zonke izindlela ezinhle njengoba ngiqhubeka nokuyigqoka."
Uthe uselubalubela amathuba amakhulu nazobeka umsebenzi wakhe wokulingisa ezingeni eliphezulu. "Njengoba uNandi enza, ngizokwenza konke okusemandleni ami ukufinyelela esicongweni."
Eqhuba uMampho, uthe usekulangazelele kabi ukuba abantu baseKZN namaphethelo bazibonele ngawabo ukuthi babaphatheleni.
UMampho ubengaqali ukulingisa ngeNandi The Musical kodwa usenguqolothakamango njengoba esebuya kuZalo, Nomthandazo, Nothing But The Truth, When Coasts Meets, Ingqikithi, Nongogo, Hamula, Senior Citizens, Shakespeare & Gqom' neRoomza.
Ngaphandle kwamava, uMampho ugabe ngeziqu zeBA in Music and Drama Performance azizuza ngo-ngo-2020 nezeBA Honours Degree azithola ngo-2022 e-University of KwaZulu-Natal.
Ubuye waqeqeshwa ngaphansi kohlelo lwe-Actors Incubation Mentorship Program & Facilitation Course eKhaya Multi-Arts Centre nakwiCommunity Arts Mentorship Program ,ePlayhouse ngo-2023.