UMATASA uphendla indlela yokungena emculweni usaziwayo oyisangoma.
UBoity Thulo uthe kungekudala uzongena estudio aqale ukuqopha izingoma zakhe.
Yize engakazi ukuthi yiluphi uhlobo lomculo afuna ukungena kulo kodwa uthembise ukuthi uzokwenza umculo omnandi ozojatshulelwa abaningi.
UBoity uthe umculo ngenye yezinto azithandayo ngakho ubone kungcono ukuthi angene kuwo ngokuphelele.
“Sengizenzile izinto eziningi ezikhombisa ikhono lami. Iningi alazi ukuthi enye yezinto engikwazi ukuzenza wukucula futhi ngicula kahle kakhulu. Maduzane ngizoqala ukuqopha izingoma zami yize ngingeke ngiveze ukuthi hlobo luni lomculo engizogxila kulo ngoba angifuni ukukhipha konke. Njengamanje ngisematasa nezinhlelo,” kusho uBoity.
Uthe okunye amatasa ngakho wukuqhubeka akhiqize izimonyo ezizokwaziwa ngegama lakhe.
“Ukukhipha amaphilisi okusiza abantu banciphe emzimbeni iBoity Toning Solution, kungenze ngafuna ukuqhubeka ngikhiqize izinto ezehlukene ezisiza emzimbeni.”
Uthe usemncane yingakho ezimisele ngokwenza konke akufisayo ngoba iminyaka isamvumela.
“Nasekulingiseni ngiyabuyela njengoba kukhona umdlalo engizobonakala kuwo ngaboSepthemba.”
Akathandanga ukukhuluma ngokuthi ukhona umuntu athandana naye noma cha.
Kodwa uveze ukuthi ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane abathandana nabo kumele kusukunyelwe yiwona wonke umuntu.
“Angikaze ngithandane nomuntu ongihlukumezayo kodwa lesi sihlava kumele silwe naso sonke,” kuchaza yena.
Akafunanga ukuphumela obala ngezithinta uthando kodwa iphephandaba lesiNgisi eliphuma nsukuzonke libike ukuthi uthandana nomqondisi wamavideo ezingoma zomculo waseNigerina, uStanley Obiamalu. Kuthiwa sebenesikhathi bethandana kodwa abafuni kwaziwe ukuthandana kwabo.