UMLINGISI womdlalo iShaka iLembe, ophila nokukhubazeka nosezakhele ugazi kubalandeli, uCalvin Ratladi, uthi ngale ndawo ayidlala kulo mdlalo ufisa kuvuleke iminyango eminingi.
UCalvin udlala indawo kaGoloza oyindodana kaLanga engumkhovu ehlala emgedeni. Uthe yize kwaba nzima ukuthi amukele le ndawo ngesikhathi ophrojusa bemchazela ngayo ngenxa yocwaso olubhekiswe kubantu abaphila nokukhubazeka, uthe usesebenzisa le ndawo ukubamela.
Lo mlingisi odabuka eMpumalanga eMalahleni, uthe uthando abantu abamkhombisa lona ezinkundleni zokuxhumana nakuzo zonke izindawo luyamangalisa. Uthe njengomPedi bekumphoqa ukuthi IsiZulu sakhe sibe sezingeni eliphezulu ngenxa yale ndawo ayidlalayo.
“Kwakungu-2019 omunye wabadidiyeli balo mdlalo u-Angus Gibson engitshela ngokuthi bayangidinga ukuzodlala le ndawo kanti futhi kumele kube ngumuntu okhuluma IsiZulu, ngaqala ngaba nemibuzo futhi nokwesaba ngoba phela kunabantu abasicwasayo la ngaphandle. Kuthe uma sesikhulumile yonke into nabadidiyeli balo mdlalo ngase ngivuma ukudlala le ndawo.
“Uthando abantu abangikhombisa lona aluchazeki ngoba kuFacebook benginabantu abangilandelayo abebeko 50 000 kodwa manje sebevile ngisho ku 100 000. Ngisho ngizihambela ezindaweni zokuthenga abantu bakhombisa uthando oluyisimanga,” kuchaza uCalvin.
Eqhuba, uveze ukuthi into yena emusebenzelayo kulo mkhakha akuwona ukuthi akaqhudelani namuntu, uzihambela indlela yakhe.
“Engikubonile emdlalweni iShaka iLembe ukuthi bekunabalingisi asebemnkantshubomvu abafana noWiseman Mncube, Khabonina Qubeka noNomzamo Mbatha, kodwa mina ngazitshela ukuthi ‘Calvin uzokwenza le nto oyifundele futhi oyaziyo’ yingakho kungabanga lukhuni ukulingisa indawo kaGoloza,” kusho yena.
Ephetha, uveze ukuthi ukusukela manje akusekho ukubuyela emuva njengoba enesifiso sokudlala izindawo eziphambili emidlalweni yethelevishini yakuleli.