ISILILO ngokushona koweqembu lombhaqanga, uMnuz Khumbulani "Khathide" Kubheka, siphathe kabi noNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko kuleli, uMnuz Zizi Kodwa.
Umholi woFeleba uMnuz Nqobani udalule ukuthi uKhathide ubesenesikhathi ebanjwe wukhwantalala kodwa elokhu eqinisela ngoba ezitshela ukuthi luzodlula.
Lo mculi ubekhuluma oKhozini ngokudlula emhlabeni kukazakwabo koFeleba, uKhathide. UNqobani uthe naye angamlandela noma yinini uKhathide, oshonele esibhedlela saseNgwelezane, eMpangeni, ngoLwesibili.
Ungqongqoshe ube esefonela uphrojusa wohlelo lwantambama wacela ukuxhunyaniswa noNqobani ukuze alekelele.
UKodwa uthe uphatheke kabi kakhulu ngokuzwa ngezindaba zokushona kukaKhathide.
UKhathide uzofihlwa emathuneni asekhaya eZwelisha, eBergville, emuva kwenkonzo ezoba ngo-11 ekuseni namuhla.
Umfo kaKubheka udume kakhulu ngokugidela uBhekumuzi Luthuli noThokozani "Somnandi" Langa.
Omunye wabasebenze kakhulu noKhathide, uXolani "Sxubhosamantombazane" Mkhize, uthe umufi uqale ukuhlaselwa wukugula ngeSonto.
" Bamphuthumise kwesinye isibhedlela KwaZulu kodwa naso samdlulisela eNgwelezane lapho eshonele khona," kusho uXolani waBafana BakaMolo Bangempela.
Esephetha uXolani, uthe ilanga libashonele emini ngoKhathide owasungula Ofeleba noMdu Mlangeni futhi obebuye adlale i-keyboard kuleli qembu.
NoSomnandi uthe ugqemeke udume lwengozi ngokushiywa wumculi obewumgogodla eqenjini lakhe.
"Hhayi, asazi sithini. Sidumele kakhulu. Yilokho okwamanje okusishaqisile. Kunzima ukulahlekelwa yinkabi ebisilazi ijoka, nobewudonsa ngayo," kuphetha uSomnandi.
* Kunxuswe abafuna ukuphonsa itshe esivivaneni ukuba banikele kwi-akhawunti yase-Absa kaXW Mkhize ethi: 9366020163.