UKHALA ngempakamo yomculi wamapiano uYoung Stunna, umhleli wemicimbi obeqamshile ukuthi ayonandisa ngempelasonto edlule e-Underground Pub, e-Eastern Cape.
Kuthiwa uYoung Stunna udube ukunandisa esefikile emcimbini ecasulwa wukuthi kungcola amateki akhe futhi engafuni ukuhlala etafuleni elilodwa nomunye umculi wase-Eastern Cape, ethi akakwazi ukuhlala naye ngoba akamazi.
Kuthiwa kuhlule esetshelwa ukuthi umuntu obekuthiwa akahlale naye ungumculi owaziwayo e-Eastern Cape, wala waphetha uYoung Stunna.
Okubuhlungu wukuthi ugcine esedube nokunandisa kule ndawo yobumnandi akangavalelisa ekubeni ubesekhokhelwe yonke imali.
Kuthiwa bekunezinhlelo zokuthi anandise e-Underground Pub, naseMthatha. Kuthiwa ugcine enandisa eMthatha, kuphela nakhona wafika wadlala izingoma ezimbalwa washiya phansi.
Omunye wabahleli bemicimbi uLwazi Nodada, obesekhaleni lokulethwa kukaYoung Stunna kule ndawo, uthe udumele ngendlela aziphathe ngayo umculi ozakhele udumo ngengoma iBopha ne-Adiwele.
“Sisazama ukululungisa udaba lukaYoung Stunna kodwa abaphathi bakhe abakabuyeli kuthina ukuthi siluxazulule. Sizophoqeleka ukuthi sithathe izinyathelo ngesenzo sakhe ukuze abuyise imali yethu. Lo mculi ukhokhelwe uR60 000 obekuyimali yokunandisa e-Underground Pub.
Ngaphezu kwale mali kunezindleko zebhanoyi nemoto abeqashelwe yona nethimba lakhe. Ngokwezinhlelo, uYoung Stunna ubebhukhelwe namalungu amahlanu ethimba lakhe ibhanoyi elisuka eGoli, liya e-East London, bese kuba yimoto ezobathatha esikhumulweni samabhanoyi ibayise endaweni abebeqashwe kuyona. Ujike ngomzuzu wokugcina ekhala ngokuthi uyabambezeleka ngenxa yomunye umcimbi aqashwe kuwona eGoli, wacela ukuthi kuhlehliswe isikhathi sebhanoyi lakhe. Ngebhadi belingasekho elisuka eGoli, liya e-East London kwaphoqeleka ukuthi abhukhelwe elisuka eGoli liya eKing Shaka, eThekwini. Siphinde saqasha ibhasi leMercedes-Benz iV Class okungenye yezidingo zakhe, ukuthi limthathe eThekwini, limyise e-East London,” kuchaza uLwazi.
Kuthiwa kuthe esefika lapho abezonandisa khona wathola ukuthi abantu sebegcwele lapho ebezodlula khona base bemcabangela ukuthi angene esangweni elingemuva obekunenkinga yokuthi kunodaka kulona. Sekumele ahambe ayongena esteji kuthiwa bekunodaka futhi kubonakala ukuthi kuzohambeka kanzima. Ngaleso sizathu abaqaphi kuthiwa bacele ukuthi okungcono bamgqogqoshe bamngenise esteji ukuze angangcoli kodwa wanqaba wathi uzozihambela. Ngesikhathi esezama ukuhamba kuthiwa kungcole amateki akhe wanethwa nayimvula kancane.
Yilokho-ke okuthiwa kususe umsindo wacela ukuthi ahlaliswe etafuleni obekungahlelwanga ukuthi uzolisebenzisa ngoba bekwaziwa ukuthi uzonandisa bese ephuma ehamba. Esefika etafuleni kuthiwa ubengafuni ukuhlala nomculi amfice khona ethi akahlali nomuntu angamazi. Kuthiwa ususe umsindo lapho waze wathatha nesinqumo sokuphinda emuva kungavunyelenwe. Kuthiwa uthe usaya emotweni wafike washaya wachitha nemoto wayonandisa eMthatha.
UNodada uthe kuzomele uYoung Stunna ayikhokhe imali yabo, uma kungukuthi ayikho indlela olulungiswa ngayo lolu daba futhi kuzoba nezinyathelo abazozithatha.
Imizamo yokuthola umculi ayiphumelelanga. Ne-email ethunyelelwe enkampanini yakhe kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ingaphendulwanga. UYoung Stunna ungomunye wabaculi bamapiano abangaphansi kwenkampani kaMaphorisa, okubalwa noKabza De Small.