UHLELA isiphihli sedili lomculo ngenhloso yokubungaza iminyaka ewu-20 esendimeni yomculo uNtombezinhle Jiyane, odume ngelikaDJ Zinhle.
UZinhle umemezele izindaba zokuthi uzozithokozisa nabalandeli bakhe emcimbini iZee Nation Fest, ngoSuku lwaBesifazane olugujwa minuyaka yonke ngo-Agasti 9, eNasrec Expo Centre.
Echaza ngomcimbi uZinhle, uveze ukuthi selokhu angena emkhakheni wezomculo kuningi okuhle osekwenzekile empilweni yakhe, okubalwa nokuhambela amazwe ahlukene.
“Ngangiyintombazane nje encane yaseDannhauser. Ngangingazicabangi ukuthi ngelinye ilanga ukuthi ngiyoze ngihambele amazwe aphesheya kwezilwandle. Manje, buka ukuthi ukuba nguDJ kungenze ngahlangabezana nezinto eziningi ezinhle nezimbi, futhi ngazi amazwe ahlukene ngahlangana nabantu engangingacabangi ukuthi ngiyoke ngibazi, nokuyinto ejabulisayo engifuna ukuyibungaza nabalandeli bami,” kuchaza uDJ Zinhle.
Uqhube wathi okunye okumenze wahlela umcimbi ofana nalona ukuba nethuba lokukhiqiza umculo nokungenye yezinto ezinkulu azenzile futhi ufuna ukubungaza lokho ngokubona abantu bezithakasela.
“Emcimbini eminingi esengike ngaba yingxenye yayo, ukubona isixuku sabantu sicula zonke izingoma zami engisuke ngizidlala, lokho nakho kuba nomunye umuzwa. Nakulokhu ngifisa kube njalo, abantu baphume ngobuningi babo beze sizojabula. Okunye ukukhiqiza izingoma okuthiwa ezami kuyisibusiso kukodwa nje. Ngakho ngalo mcimbi ngizobonga futhi ngizobungaza umsebenzi wami,” kuchaza uZinhle.
Wengeze ngokuthi phakathi kwabantu ababonga kakhulu kulo mkhakha, ababe naye esafika kuwo kubalwa u-Oskido. Uthe bazomenyezelwa maduze nendumezulu yedili lomculo abanye abaculi abazoba yingxenye yefestiveli.
Kwasebeqinisekisiwe kubalwa umyeni wakhe uMorda Bongz, Big Zulu, Oskido, Soweto Gospel Choir, Nkosazane Daughter, Focalistic, DBN Gogo nabanye.
Kubaphathi bohlelo ubesamemezele uSomizi Mhlongo. Amathikithi omcimbi uthe aseyatholakala eTicket Pro.