UMNDENI weciko laseNanda elishone engozini yemoto uLizwilenkosi "Lizwi Wokuqala" Mtshali, usuveze ukuthi ucela iminikelo ukuze ukwazi ukumfihla ngesizotha.
ULizwi Wokuqala ushone ngesikhathi yena nozakwabo uMalome Vector noPuleng Phoofolo, bevelelwa yingozi yemoto eFree State, ngoLwesithathu olwedlule.
UStanley Khoza oyisekela mengameli wenhlangano yezitebele ezizimele kuleli i-AIRCO, uthe ngokuvumelana nomndeni bakhethe ukuthi baphumele obala ngesimo ababhekene naso.
“ULizwi uyena ngane endala kubo, ubesaqala endimeni yomculo ngakho umndeni ngenxa yokubona isimo uhlangane nathi wacela ukuthi kube khona esikwenzayo ukuze afihleke ngokuthula. Sifisa ukubikela wonke umuntu ukuthi uLizwi njengoba eshonile nje, umndeni usitshelile ukuthi awunalutho lokumfihla. Umndeni uthe nawo njengoba ububona izinto sengathi ziyakhanya endimeni yomculo akade ekuyo, ubusuthembele kuye kwase kwehla lo mshophi,” kusho uStanley.
Uthe umndeni uthe ungamukela noma yiluphi uhlobo losizo ukuze uLizwi afihleke ngesizotha ngeSonto.
“Njengoba simemezela usuku lwangeSonto, umndeni iwona ofisa kanjalo. Siyathemba kukhona okuyobe sekuhlangene ngalolu suku, ukuze umsebenzi uqhubeke. Asikhethile ukuthi abazonikela bazophosa malini, lokho nje abanakho kuzokwamukeleka. Uma nje kutholakale izidingo ezinjengebhokisi, ukudla, izimoto nokunye, singajabula,” kuchaza yena.
Uthe iminikelo yonke bakhethe ukuthi iye ebhange likamama kaLizwi kule mininingwane engezansi.
Bank: Standard Bank
Account Holder: Bawelile Sishi (Unina kamufi)
Account Number: 205 842 879
UStanley uthe uPuleng Phoofolo ungcwatshwe izolo ePitoli, uMalome Vector yena wathi uzongcwatshwa eLesotho, ngo-Agasti 10.