Ukungawutholi umshado nabantwana yize eseneminyaka ewu-45, akusamkhathazi usomahlaya.
Lona wumbono kasomahlaya odume ngesikhathi elingisa indawo kaSiphokazi Zungu kwiSibaya, uCeleste “Queen of the Zulu Comedy” Ntuli.
Le ntokazi edabuka eMpangeni ithe nakuba ikufisa ukushada nokuba nabantwana kodwa akuzona izinto ezikhathaza ngazo ekubeni uNkulunkulu eyibusise ngezinto eziningi empilweni.
Ekhuluma kwiNewzroom Afrika, uCeleste uthe abesifazane bamanje abasafani nabasemandulo.
"Kudala kwakuyichilo kabi ukudivosa komama bethu kodwa kwabamanje akusenjalo. Yingakho sebenza imicimbi, bagubhe ukuthi bayadivosa.“
UCeleste uthe abesifazane bamanje sebehluke kakhulu kwabakuqala.
"Abantu bathi anginazo izingane. Bathi angizifuni. Ngiyazizonda. Cha, akunjalo. Ukuthi nje, angifuni ukukhathaza umphefumulo ngalokho. Nginezinto eziningi engingazijabulela empilweni."
Uqhube wathi abantu kufanele bakwamukele ababelwe khona nguNkulunkulu ngoba nakho kuyingxenye yempilo.
"Ukuthi nje asixoxi ngokuthi uma kwenzeka ushona uneminyaka ewu-45, ungashadile futhi ungenabantwana, awuyi yini eZulwini, uma kodwa ukholelwa ukuthi kuneZulu. Akusho ukuthi bewuphilela ize."
Wengeze ngokuthi, uma eshona manje sekufanele azicasukele ngokuthi udlule emhlabeni engashadile futhi engenamntwana. Uthe isemakhaya lapho okusenzeka kanjalo yize umuntu esephumelele empilweni.
Eqhuba uCeleste uthe akafuni ukuziqhatha nokhwantalala ngendaba yezingane nomshado ekubeni ziningi izinto angazibonga kuNkulunkulu. Uthe abantu ababayeke bajabulele impilo emnandi, bengalokhu bebakhumbuza ngemishado nangezingane sengathi impilo ingalokho.
Uthe yisikhathi esihle lesi kosomahlaya baseNingizimu Afrika ngoba zinguchithi saka izinto asebengahlekisa ngazo ngenxa yesimo sepolitiki.
UCeleste uthe okwenzeka ezweni sebeyakuqonda nabo ngoba kuyabathinta.
"Ngiyajabula ukuba ngusomahlaya waseNingizimu Afrika. Ngibe nenhlanhla yokuyohlekisa eL.A. (USA) naseDubai, ngenyanga edlule. Kungenze ngakuqonda ukuthi njengabantu baseNingizimu Afrika, sesikuphi ngokwezinga emkhakheni wamahlaya.“
UCeleste uthe kulezi zinsuku umatasatasa ulungiselela umcimbi wakhe iCeleste and Da Big Dudes, okuyigama alisusele kuBrenda Fassie and The Big Dudes ozobe ungo-Agasti 11, ngo-6 ebusuku e-ICC eThekwini, bese ngo-Agasti 17 ngo-8 ebusuku, udlulela e-Emperors Palace eGoli.
Uthe ubophele uSkhumba Hlophe, Mpho Popps, Simphiwe Shembe, Mpukane, Mojak Lehoko, Robby Collins noNdumiso Linda. Uthe uchungechunge lwemicimbi yamancoko ulwenze ngenyanga azalwa ngayo.