INTOKAZI yaseMgungundlovu, uThuso Mbedu, ithi kusho lukhulu kuyona ukubuya ekhaya izokhombisa abantu umsebenzi ewenze United States of America (USA).
UThuso obebonakala ukuthi uyaphuphuma injabulo ngokuba sekhaya, utheleke izolo, eThekwini, njengoba kunemicimbi ehlukahlukene yokuvulwa kwefilimu alingisa kuyo phambili iThe Woman King.
Kule filimu ulingisa indawo kaNawi nosaziwayo okukhona kubo uViola Davis yena olingisa indawo kaNanisca.
Izolo, uThuso ubehlangene nabezindaba nabanye abalingisi kuleli eShaka Marine.
Kulo mcimbi, uThuso uthe ukubuya nje kuleli azoqopha enye ingxenye yale filimu kwasho lukhulu ngeKwaZulu-Natal.
“Kwangijabulisa ukunyathela la esifundazweni ngizoqopha isikhashana. Okwakumnandi kakhulu ukuthi ngathola ithuba lokukhuluma ulimi lwesiZulu. Engifuna nikwazi ukuthi ngiyaziqhenya ngesifundazwe sakithi, kangangoba nala ngihlala khona manje bayazi ukuthi ngisuka kuphi.
“Ngiyanxusa ukuthi abantu baphume ngobuningi beyobuka le filimu njengoba ixoxa udaba olumnandi abazofunda lukhulu kulona. Ukuhlala edolobheni laseLos Angeles kwami kwaba yisinqumo esihle njengoba ngisho ngikhumbule ekhaya, akubi nzima kakhulu ngoba leliya dolobha lifana nse neTheku,” kusho uThuso.
Uthe okunye okumjabulisile ngokuba se-USA, ukuthi kukhona nabanye abalingisi bakuleli acabanga ukuthi umkhakha wamaciko wabenyusela kwelokhozi baze baziwa nakwamanye amazwe.
UThuso ubehambisana nozakwabo, uJohn Boyega, olingisa indawo kaKing Ghezo kule filimu.
UJohn ubonge uxhaso abaluthole kubantu bakuleli njengoba sebehambele eKapa, eJohannesburg naseThekwini.
“Ukuhlangana nabantu baseMzansi kungenze ngabazi kangcono futhi bengiqala ukuba semadolobheni afana neTheku neJohannesburg. Ukusamukela kwenu ngale ndlela kungenze ngakhululeka,” kuchaza uJohn.
UThuso namhlanje kulindeleke ukuthi ahambele isikole ake afunda kusona eMgungundlovu, bese eya esikhungweni okufundwa kuso ukulingisa.
Ntambama kuzobe sekuvulwa le filimu ngokusemthethweni enxanxatheleni yezitolo, iGateway.