INDUNA esidonse isikhathi eside iphethe ihostela elinomlando iDenver eGoli, igubhe usuku lwayo lokuzalwa okokuqala ngqa, ihlanganisa iminyaka engu-88 idla anhlamvana.
UShalazile Mbatha, osebe yinduna yakuleli hostela isikhathi eside, ubegubha usuku lokuzalwa okokuqala selokhu aba khona emhlabeni.
Uthe wayengakaze azibone egubha usuku lwakhe lokuzalwa kodwa ukujabulele ukuthi akubanga khona ngisho nomsindo kuleli hostela, wathi kuyaziwa ukuthi ukuqhuma kwezibhamu kuyimpilo yakhona.
Uthe ubeqala ngqa ukugubha usuku lokuzalwa selokhu abakhona.
“Kufike uLesedi Badisang woBuhle Bamabhinca, obuze ukuthi sengineminyaka emingaki yobudala. Ngimtshele ukuthi angiyazi iminyaka yami, wabheka umazisi engicabanga ukuthi ubone kuwona ukuthi ngimngakanani. Emva kwalokho ungazise ngosuku okuzogujwa ngalo usuku lwami lokuzalwa. Njengenduna esinesikhathi eside ikuleli hostela bengingazi ukuthi kumnandi kangaka ukugubha usuku lokuzalwa. Kade ngaba yinduna kanti nasehostela sengineminyaka ngihlala khona futhi baningi nabaculi bakamaskandi abahlale khona ngiphethe njengenduna yakhona. Okungijabulisile usuku lwami lokuzalwa lube yimpumelelo ngoba akekho ngisho noyedwa oke waqhumisa isibhamu,” kusho uShalazile.
UShalazile uyinduna esinesikhathi eside futhi waziwa njengenduna yasehostela ehlonishwayo. Udabuka eBhubesini, eMsinga, kanti waqala ukuba yinduna ngesikhathi sodlame phakathi kwe-IFP, ne-ANC.
Ihostela iDenver, linomlando onothile ngoba baningi abaculi bakamaskandi abake bahlala kulona. Phakathi kwabo singabala Ikhansela elalize licule ngaleli hostela, uThokozani Langa, Izingane Zoma, uMtsheniseni “Indidane” Gcwensa nabanye.
Leli hostela lagqama nangokuthi kuqoshelwe kulona umdlalo wethelevishini wamahlaya, Umuzi Wezinsizwa.
ULesedi Badisang woBuhle Bamabhinca uthe kummangazile ukuthi uMbatha akakaze alugubhe usuku lwakhe lokuzalwa selokhu abakhona, wase ehlela ukuthi alugubhe.