AKAZIBONI exolela owayeyintombi yakhe eyazama ukumbulala owesilisa, eyamchathisa nge-acid ithi isiwasho, yamphuzisa yona ngenkani, yagcina imbhunyela ngayo ibona ukuthi akafi, wabucuka ubuso nomzimba.
Usho kanje uMnuz Phakamani Sibiya (34) emva kokugojelwa ngamacala kukaPrincess Lethiwe Mthimkhulu (30).
INkantolo yeMantshi yaseVerulam ilahle uLethiwe ngecala lokuzama ukubulala nelokweba iselula kaSibiya esehlakalweni esenzeka ngo-Ephreli 13, 2022 oThongathi, eThekwini.
“Uxolo alukho futhi asikaze sikhulume indaba yokuthi sengimxolele. Okwamanje uxolo lwakhe angilwamukelile, kuyongithatha isikhathi eside ukuthi ngidlule kule simo engikusona manje,” kuchaza uSibiya.
Ubalule ukuthi njengamanje ugqigqa kodokotela, uyahlinzwa ukuze asizakale okuyiyona nto emsizayo. Ufuna ajeze uLethiwe ngamenza khona kanti uthe noma angavalelwa ejele kulungile sekuyoba inkantolo ebona isigwebo esimfanele.
Umalume kaSibiya, uMnuz Mduduzi Mtshali, uthe: ‘wawuphuma uhlukumezekile esibhedlela eNkosi Albert Luthuli uma uzobona umshana wakhe “owayeyisilwane” futhi “ebolile”
Uthe bahlukumezekile futhi akanabo ubuntu kodwa unobulwane uLethiwe ofanelwe isigwebo esiqine kakhulu. Uveze ukuthi bahlangane nomndeni kaLethiwe ngoLwesihlanu uzocela uxolo.
“Ubulungiswa obungatholwa uPhakamani obokuthi athole i-plastic surgery futhi alulekwe ngokwengqondo, abuyelwe isithunzi abe wumuntu. Uma kwenzeka athole umsebenzi angathembeli komunye umuntu,” kusho uMtshali othe bayethuka abantu uma bebona umshana wakhe.
Uveze ukuthi inhloso kaLethiwe kwakuwukuthi abulale uSibiya futhi afele endlini yakhe kube sengathi ubeyedwa ezichathela.
IMantshi uSanele Hlatshwayo ithe izogweba uLethiwe ngoDisemba 11. Ummeli kaLethiwe uMnuz Denver Reddy umcelele ukuthi akangagwetshwa izolo. Isizathu kube wukuthi unezingane ezimbili ezisencane nokuthi kusamele kwenziwe umbiko wosonhlalakahle nowoMnyango wezokuHlunyeleliswa.
Ngeledlule uLethiwe watshela inkantolo ukuthi uSibiya wayemhlukumeza futhi emshaya nokuthi ngosuku lwesehlakalo wumgilwa owajikijela yena kuqala nge-acid wazivikela ngokuthi ayiphindisele, yamshisa.
Ushaye ungqimphothwe izolo wavuma icala, waxolisa kuSibiya wathi wayefuna ukumbulala elekelelwa uMnuz Moses Jobe ogcwele izinkalo, agcina ukumbona kwenzeka isigameko.
ULethiwe uthe wayehlala noJobe endlini eyodwa eflethini futhi bengebona abangani kodwa behlanganyela irenti eyayimba eqolo. Uthe icala ubeliphika ngoba esaba ukuboshwa ashiye ingane yakhe esencane.
Kuvele ukuthi enye yezingane akhuluma ngazo inonyaka, wakhulelwa futhi wateta sesadlula kudala isigameko.
Uthe sebeyakhuluma noSibiya futhi usemxolele okuyinto ayihleke usulu enkantolo uSibiya.
Uvumile wathi uyazisola ngesenzo asenza egajwe yintukuthelo, wayehlose ukumbulala uSibiya. Enye into athe imvumise icala wubufakazi obuqanda ikhanda obebumcindezela.
Imantshi ithe igculisekile futhi iyabemukela ubufakazi obethulwe uMbuso obuholwe umshushisi uMnuz Ntuthuko Mngadi.
Ngosuku lwesigameko kuthiwa uLethiwe wavakashela uSibiya kwakhe kuvunyelwene, wafike wamnikeza uchatho wathi lunesiwasho kanti yi-acid. Kwathi uma ezichatha uSibiya wezwa i-acid imshisa esiswini.
USibiya wafuna usizo lokuba aphuthunyiswe emtholampilo, uLethiwe wathatha ifoni yakhe (uSibiya) ewumuntu ozofonela umshayeli wemoto ekhokhelwa ngebanga elihambile.
Emva kwesikhathi kwafika umshayeli uMcineka, owayazana noLethiwe wabathatha bobabili wahamba nabo.
“Endleleni ebheke emtholampilo, uLethiwe wayalela uMcineka ukuthi angabe esaya emtholampilo kodwa abaye eflethini lakhe lapho bagibeza khona owesilisa (uSibiya noMcineka) ababengamazi owayefake isigqoko ezimboze ubuso. Esegibele owesilisa, imoto kwathiwa ayiye ngasesitebeleni samahhashi esingasesikhumulweni sezindiza,” kusho uHlatshwayo.
Uqhube wathi sekufikiwe kule ndawo, uLethiwe nale ndoda okuvela ukuthi wuJobe, baphuma emotweni baxoxa kancane babuyela emotweni.
Kuthiwa uLethiwe watshela uMcineka ukuthi ashayele imoto kuyiwe lapho kuhlala khona uSibiya, nokuyilapho afike abashiya khona wathi akasayingeni indaba yabo, wahamba.
Kuthiwa uSibiya wangena endlini wayolala embhedeni, kanti uLethiwe noJobe bazombamba bamcindezele embhedeni bamphuzise ngenkani i-acid eyayimshisa emlonyeni, ezindebeni nasemakhaleni kodwa wasukuma walwa.
Kwathi lapho uSibiya noJobe bebambene belwa, uLethiwe walanda ibhakede elalinenye i-acid wabhunyela ngalo umgilwa washa lonke uhlangothi lwangakwesokunxele kusukela ekhanda.
Kuvele ukuthi umgilwa wavala amehlo, waphuthaza umnyango wendlu waphumela ngaphandle wamemeza efuna usizo komakhelwane.
USibiya kuthiwa waphuthunyiswa esibhedlela oSindisweni, wadluliselwa e-Addington nakhona bamdlulisela eNkosi Albert Luthuli lapho ahlala khona izinyanga eziyisithupha elashwa. Uthe uSibiya walimala kabi kwasuka nendlebe izibazi zibonwa iwona wonke umuntu.
ULethiwe ubuvumile lobu bufakazi wathi i-acid wayinikezwa uJobe futhi uyena owathi akangayiswa esibhedlela uSibiya. Uphikile ukuthi weba ifoni kamgilwa.
Eselahlwe yicala eseyiswa ezitokisini, ukhihle isililo kwaze kwasondela unina. Emuva kwekhefu ube esencengelwa ummeli ukuba adedelwe ngoba unezingane ezincane.
Yeluliwe futhi yengezwa ibheyili adedelwe ngayo eselahlwe yicala uLethiwe yaba uR3 000 isuka ku-R1 500. Unina oyisangoma nezihlobo zakhe batatazele kuhle kwekhehla liganwa beyihlanganisa bagcina begoduke naye.