UMLINGISI okubukeka izinto zimhambela kahle kule ndima uBonko Khoza, useveze ukuthi amandla kaNkulunkulu, amenze wathola ithuba endimeni yezokulingisa.
UBonke ungumlingisi ohamba phambili emdlalweni i-The Wife, la alingisa khona indawo kaMqhele.
Muva nje, kuvele izindaba zokuthi uzoba ngomunye wabalingisi emdlalweni ozokhonjiswa kwiSABC 1, ngoFebhuwari 6, ngo-7.30, ntambama othi Mr Right.
Kulo mdlalo uzobe elingisa indawo kaZakhele.
Ekhuluma neSolezwe, uBonko uthe kuyamjabulisa ukungena kwakhe kulo mkhakha njengoba ebengalindele ukuthi konke kungaqhamuka kanye kanye.
“Okunye okungijabulisayo, ukuthi abantu bazobona olunye uhlangothi lwami, njengoba abaningi bengamuzwa kahle uMqhele. Kodwa manje bazohlangana noZakhele abazomthanda kakhulu njengoba engumuntu ogcwele amahlaya, angingabazi ukuthi bazomthanda. Lo mdlalo iwona obekumele ngibonakale kuwona kodwa ke izinto zenzeka ngendlela yazo, abantu bangazi kwi-The Wife kuqala,” kusho uBonko.
Le nsizwa yaseSoweto, eGauteng, ithe kuningi ezimisele ukukwenza kulo mkhakha wokulingisa esingene kuwona njengoba izifela ngawo.
Umdlalo uzoba yiziqephu ezingu-13, uzokhombisa ngentanteli uNkuli (Kea Zawadi), nokuphoqayo ukuthi ibhale umbono wayo wokuthi ingazitholela kanjani isoka kodwa ibe ngumuntu ozifihlile.
URoberta Durrant, onguphrojusa wawo, uveze ukuthi le ntokazi ezimpendulweni zonke ezithola ngombono wayo igcina isizifela ngomunye wabesilisa uZakhele (Bonko Khoza).
Uthe udlalo uyinto engajwayelekile ukubonakala kwithelevishini nezobajabulisa ababukeli njengoba igcwele amahlaya.
Abanye abalingisi athe bazobonakala kubalwa uMohau Cele ozolingisa indawo ka-Olwethu Monnye Kunupi (Phumla), Didintle Khunou (Lerato) noLerato Mvelase ozolingisa indawo ka-Elaine.