UMLINGISI osemncane osenedumela ngendawo ayilingisa emdlalweni wamahlaya kwi-Showmax othi One Weeks, uMangaliso Mthembu, uthi iphupho lakhe lokulingisa lifezeke ngendlela abengayilindele, njengoba yena ubelobizela ukulingisa emdlalweni okwiMzansi Magic, Umkhokha: The Curse.
Engxoxweni neSolezwe, uMangaliso (11) odabuka eHarding kodwa osezinze eBallito, lapho ehlala khona nonina, uZama Kheswa, uthe uwumlandeli wokuqina woMkhokha, nobekwenza ukuthi njalo uma udlala, ashisekele ukulingisa nabalingisi bawo.
“Bengifuna ukulingisa noMabusi (olingiswa wuHope Mbhele), ngaze ngaqopha ividiyo ngichaza lokho, ngayifaka ekhasini lami le-Instagram, yasabalala yaze yafika kubadidiyeli be-One Weeks, bathumela umyalezo bethi asenze ividiyo yenhlolokhono, ngayithola kanjalo-ke indawo ka-Angie kuyona,” usho kanje.
Uthe bekumnandi ukuqopha lo mdlalo, abaqale ukuwuqopha ngasekupheleni konyaka odlule, baqeda ngoJanuwari nonyaka, obekungowokuqala elingisa ngawo.
Uthe ufunde lukhulu kubalingisi abadala asebenze nabo kuwona, nabo futhi bakujabulele ukulingisa naye, ezizwa esekhaya.
“Manje ngifuna ukukhula kule ndima yobumnandi, njengoba ngifuna nokuba wumculi futhi ngifisa nokulingisa kwiMy Brother’s Keeper nakweminye imidlalo yethelevishini,”’ kusho uMangaliso ofunda uGrade 6 kwesinye sezikole zaseBallito.
Unina, uZama uthe kuyamjabulisa ukubona indodakazi yakhe ifeza iphupho layo ibe isencane kangaka, wathi uzoqhubeka ayeseke kukhona konke okuhle ekwenzayo ukuze ichume.
“Ngiyameluleka nangokuthi angavumeli udumo lumbuse, kunalokho ngifuna aqhubeke aphile njengezinye izingane ezingangaye, angabi nengcindezi yokuphila ngendlela ethize ngoba nakhu esaziwa futhi esebenza nosaziwayo,” usho kanje.
I-One Weeks, ekhiqizwe wuChris Q Radebe, ineziqephu eziwu-13, kanti okwamanje isafake iziqephu zayo ezinhlanu, okuphuma esisodwa njalo ngoMsombuluko kwiShowmax.
Lo mdlalo ungoFana (olingiswa wuZakhele Mabasa, insizwa yaseSoweto eyayeka isikole, yayoshayela amatekisi. Le nsizwa ithandana nentokazi ewummeli, uLihle (Sihle Ndaba).
UFana uthembele endodakazini kaLihle ekhaliphile neqaphelayo, u-Angie (olingiswa wuMangaliso Mthembu), ukuqapha yonke into ukuze angamphucwa amadoda anemali kunaye.