Simelane odume ngelikaBabes Wodumo noyise wengane yakhe, uMampintsha, sebeveze ukuthi bazovezela abantu abazothamela uhlelo olumayelana nempilo yabo, indodana yabo uSponge okokuqala.
Bathe isizini entsha izogxila ezinkingeni zomndeni ezivele emphakathini. Uhlelo Uthando Lodumo luqale izolo, kwiShowmax.
Ngesikhathi lwethulwa kwabezindaba nabangani balaba ngoLwesithathu, eThekwini, baveze ukuthi bebewasaba amakhamera ngesikhathi beqala ukuqopha kodwa manje bajwayele futhi bazoveza konke.
“Kule sizini sikhuluma ngezingqinamba esibe nazo emindenini yethu sobabili nesizozama ukuthi sizilungise. Sizophinde sikhombise abantu bakuleli indodana yethu, uSponge, njengoba bengakaze bathole ithuba lokuyibona. Ohlelweni bazoyibona, babone nendlela esiyikhulisa ngayo njengoba sibambisene,” kusho uMampintsha.
UBabes uthe ukujwayela amakhamera kwenze kwaba lulaukuthi baqophe kulokhu njengoba bekunzima besaqala.
“Manje usungafunga ukuthi siwumndeni wakwaKardashian njengoba sesijwayele ukuthi lapho sikhona bahamba nathi. Siyabonga kuwona wonke umuntu obenegagelo ohlelweni lwethu njengoba luveza lokhu esiyikhona nezingqinamba esinazo, ezibonwe yiwona wonke ezinkundleni zokuxhumana. Ngakho abadinga ukubona ukuthi mina nomamezala wami sikuphi nobudlelwane bethu, ababheke uhlelo,” kuchaza uBabes.
Ngesikhathi kwethulwa lolu hlelo bekugcwele osaziwayo baseThekwini, okukhona kubo uDJ Tira, Dladla Mshunqisinabanye. ULungile Radu noThomas Gumede benkampani eqopha lolu hlelo, iParental Advisory Productions, bebeyingxenye yalo mcimbi.