U-DJ waseThekwini, uDJ Bongz, ukhale ngesibhaxu athi usithole konogada bendawo yobumnandi iLiv eThekwini.
UDJ Bongz wodumo lwengoma ethi Thina Sobabili uvuke ngeSonto ekuseni wafaka emakhasini akhe kwi-Instagram, X naku-Facebook ukuthi akaphathekanga kahle kule ndawo esenkabeni yeTheku.
Imizamo yokumthola ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belungangeni.
Kwi-Instagram ufake isithombe sonogada esihambisana nombhalo othi: “Niyahleka kumnandi nishaya abantu nifuna ukubukwa. Abantu abayeke ukuya eLiv Dbn futhi ababahloniphi oDJ, babanika uR1 500, abahloniphi, mina ngeke ngiphinde ngiwubeke umcondo wami eLiv.”
Uphinde wafaka esinye ethi bashaya amaciko ngoba befuna ukubukwa.
Inombolo yocingo efakwe ekhasini le-Liv ibanjwe ngowesilisa othe akukho abazokuphawula ngoba basazama ukuthola ukuthi kwenzekeni.
Unqabile negama lakhe wathi: “Kungcono ngingakutsheli mfowethu, ungadinwa. Angiyena umuntu othanda ukubukwa namaphepha nezinkundla zokuxhumana, ungadinwa.”
UBongz uthe onogada base-Liv bashaya amaciko ngoba befuna ukubukwa.
UDJ weGqom uQue DJ ungene waphawula wathi “vala brazo isengalungiseka.”
KuFacebook uthe: “Uma loya nogada engahambi ngeke ngiyeke ukubhala futhi okubi ngizokhipha amaqiniso.”
Ugcine eyikhipha imibhalo kwiFacebook nakwi-Instagram yasala kwi-X nalapho ebesakhala esifanayo khona ngokuthi bashaywa onogada futhi ngeke aphinde alubhade khona empilweni yakhe.