OWAYENGUMSAKAZI weGagasi FM, uDJ LeSoul, uthi ujabule ngesinqumo sakhe sokushiya lo msakazo maphakathi nonyaka.
ULeSoul washiya ethula uhlelo iNoma Yini noHeazy ngo-12 kuya ku-3 ntambama, phakathi nesonto.
"Yimina owaziyo ukuthi kumele enzeni ngesikhathi sami. Ngiyawuthanda umsakazo nesiteshi futhi ngiyajabula ngobudlelwano enginabo nesiteshi. Kuzohlala kusekhaya," kusho uLeSoul.
"Ngijabule ngesinqumo sokushiya ngoba ngazithathela mina kungekho kuhlukumezeka. Ngifuna ukukhula kwezinye izinto ngakho kwakumele ngiyeke umsakazo. Ngeke wazi ikusasa lisiphatheleni, ngisengathushuka ngisebenze noma yikuphi."
Uthe ezinye izinto azenzayo ukudidiyela umculo njengoba esanda kukhipha i-albhamu entsha iSoul Awakening enezingoma ezingu-13.
Uthe ubengalindele ukuthi abantu bazoyithakasela ngendlela abayamukele ngayo.
"Ngisazifunda ukuthi yisiphi isigqi sami. Ngihlanganise i-Afro Tech, Soulful Tech neGqom’. Ngizoqhubeka nokubheka nokuhlanganisa izinhlobo ezingafani ngize ngithole esami. Ngizama ukuthi wonke umuntu akwazi ukuba nengoma yakhe yingakho ngifake oStilo Magolide, Nkosazana nabanye."
Uveze ukuthi umculo umvulele iminyango kwamanye amazwe njengoba emenywa ukuthi ayodlala eDubai, Zimbabwe, Uganda nakwamanye.
Uthe umculo uyazididiyelela aphinde asebenze nabanye abadidiyeli nokuyinto afuna nabanye abesifazane bangene kuyo.
"Kubonakala ngathi kuhle ukuthi abesifazane babe ngoDJ baphinde badanse. Kumele sikhule manje sibuke noYoutube ukufunda ukudidiyela. Mina ngafunda ngokuthi ngidlale ipiyano kuqala. Abanye bayahlala e-studio kodwa ngifuna baqhubeke badidiyele kungabi ukuthi bangoDJ kuphela."
Uqhube wathi ngaphandle kwe-albhamu uhlanganisa i-festival, iDurban Summer Festival ezoba seGreyville Racecourse, eThekwini, ngeSonto.
Kuzobe kudlala yena, DBN Gogo, BlXckie, Oscar Mbo, Dlala Thukzin nabanye. Amathikihti adayisa eWebtickets nasePick n Pay, aqala kuR150.
"Ngawuqala ngonyaka odlule lo mcimbi ngesibalo esincane ngenxa yeCovid-19. Ngabona ukuthi abantu bayangithemba ngokuthi ngingenza umcimbi. Bengifuna ukuthi kube nento yami engifuna ukuthi ikhule igcine isiseMabhida, ihehe izivakashi eThekwini, isize namaciko nokuthi abantu abasha baqashwe."