U-DJ Cndo, oseqophe e-Afrotainment kusuka angena emculweni eminyakeni engaphezu kwengu-15 edlule, uthi usaneme kule nkampani, akaziboni eyishiya.
"Ukuthi ngizohlala khona impilo yami yonke, angazi. Mhlawumbe ngomuso ngizozithola sengineyami," kusho uCndo.
UCndo (38) ungene emculweni ngo-2005, nokuthe ngo-2017, wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala iFinest Lady of House. Usekhiphe amahlanu njengoba esebuye ngengoma entsha iHezekiya apike kuyo uPrince Bulo noSizwe Mdlalose.
Ukhipha nje, selokhu agcina ukudedela ngo-2017, ngengoma ethi Bheja.
"Bengingakakulungeli ukukhipha. Asikho esinye isizathu engingasibeka," kusho lo DJ odabuka eMandeni.
"Ngaso sonke isikhathi uma ngithi ngizokhipha bekukhona okungivimbayo. Uma ujwayele ukukhipha izingoma ezidayisa kakhulu uthola ingcindezi yokuthi abantu basazowuthanda yini umculo wakho. Kuba yisicefe lapho uma usujwayele ukukhipha into abantu abayithandayo. Uba nalokho ukuthi kazi entsha bazoyamukela kanjani. Kuyakhombisa ukuthi ngingumuntu nami, ngiyethuka njengabo bonke."
Uthe ugcine enquma ukuthi akhiphe futhi ngeke esama ngoba ukuzwile ukukhala kwabantu. Uveze ukuthi njengoba ebengakhiphi, ubesebenza ngokuyodlala emicimbini futhi ubeyinxusa lemikhiziqo abeyikhangisa ezinkundleni zokuxhumana.
"Akusekho ukuma manje. Ngonyaka ozayo, ngizokhipha i-EP. Bengisezwa amanzi ngobhoko ngale ngoma yami entsha futhi abantu bakhombisa ukuyithakasela. Ngingayichaza ngokuthi yiGospel Gqom'. NjengomKristu ngikubone kufanele ukuthi ngidumise uJehova ngokungigcina kule ndima iminyaka emingaka ngoba kunzima."
Uthe ube nesandla ekudidiyelweni kwayo ngesikhathi uPrince Bulo eyihlanganisa ngoba ubefaka imibono yakhe.