USHAYA phansi ngonyawo umhleli womcimbi okuzonandisa kuwo uMampintsha ngempelasonto ngesiphakamiso sokuthi angaqashwa ndawo futhi nomculo wakhe ungasekwa.
Abanye abantu ezinkundleni zokuxhumana balimise ngesihloko elokuthi kumele ungasekwa umculo wakhe futhi angaqashwa nasemcimbini ngoba bengahambisani nokuhlukunyezwa kwabesifazane.
Lokhu kulandela ukuvela kwezinsolo zokuthi lo mculi odume asakwiBig Nuz ubehlukumeza owayeyingoduso yakhe uBabes Wodumo.
Part 3: UMampintsha uchithe eyezibhakela nokuphulwa kwemilenze. #babeswodumo #mampintsha
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) May 20, 2018
UMampintsha uqashwe nozakwabo uDanger njengeBig NUZ emcimbini Umlazi Picnic, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Umhleli womcimbi u-Andile “DJ Boonu” Chili uthe noma kanjani lo mculi uzoba khona.
“Abantu abehlise umoya. Wonke umuntu ngeke athande izindaba zakhe zothando zikhulunywe emoyeni ngoba wonke umuntu unezinkinga.
Angisoze ngeseka umbono wokuthi omunye umuntu alambe njengoba kuhlushekwa kanje emhlabeni,” kusho uDJ Boonu.
Ugcizelele ukuthi abantu behlise umoya ngoba inxeba lendoda alihlekwa.
“UBabes noMampintsha abalungise izinkinga baqhubeke nempilo. Akungathi uma sekunezinkinga bese bekhohlwa ukuthi basukaphi. Abantu bayathanda ukujatshuliswa izinto ezimbi kodwa okuhle kukhulunywa ngakho kancane.
UMampintsha uthe ayikho imicimbi azoyihoxisa.
“Le ndaba ingibeka kabi futhi kumele ngiyilungise. Ayikho imicimbi engiqashwe kuyo engizoyihoxisa ngoba anginacala,” kusho uMampintsha.
Kulezi zinsuku uphusha ingoma yakhe yokuqala eyedwa ethi, Amaketanga.
Part 2: ‘UBabes uyongivikela nini emhlabeni?’ #BabesWodumo #Mampintsha #Masechaba
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) May 20, 2018