UMKHUZI wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Gen Nhlanhla Mkhwanazi uzwakalise ubuhlungu kuvela izindaba zokuhlaselwa kwamaphoyisa aseHammersdale abephenya icala lokubulala eCliffdale.
“Kubuhlungu kakhulu ukufika endaweni yesehlo sobugebengu uthole amaphoyisa elele phansi ngenxa yokwenza umsebenzi wawo,” kusho yena ngesitatimende.
Kuthiwa amaphoyisa abizelwe emzini oseCliffdale ngemuva kokugamanxa kwehora lesikhombisa ngemibiko yokubulawa kowesifazane.
Afike kulo muzi obekunomlindelo khona aqala uphenyo, okuvele ukuthi kukhona nomunye umuntu wesifazane oneminyaka elinganiselwa ku-40 naye ubeseshonile.
Ngokombiko wamaphoyisa, kuthiwa abemathathu amaphoyisa afike kulo muzi ezophenya icala abizelwe lona lokubulawa kwesaguga, kuthe kusenjalo, kwabuya umsolwa wavulela ngenhlamvu emaphoyiseni.
Alimale lapho amaphoyisa amabili kwasinda elilodwa eliphume lingenamyocu.
Kubizwe amanye amaphoyisa asukumele phezulu alandela umkhondo womsolwa ngokombiko awutholile. Nebala kwabanjwa owesilisa oneminyaka engu-38 ubudala wakhalelwa amasongo kaSigonyela.