“KUBUHLUNGU ukumbona ehamba kodwa ngiyazi yinto efanele, yekusasa lakhe.”
Usho kanje owesifazane oboshelwe ejele lasePort Louis, eMauritius ngoLwesine, ngesikhathi ithimba loMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi lilanda ingane yakhe yentombazane eneminyaka emihlanu eyazalelwa ejele.
Lona wesifazane waseNingizimu Afrika, waboshwa ngo-2019 kuleliya zwe ngezinsolo zokushushumbisa izidakamizwa. Usalinde ukuqulwa kwecala lakhe kusukela aboshwa.
Ngokwesitatimende somnyango, uveze ukuthi uyazisola ngokuba esimeni akuso sokungayiboni ingane yakhe ikhula.
Ngesikhathi ingane ihamba, bonke abesifazane bakuleli ababoshwe kuleliya jele bayifisele izilokotho ezinhle.
Ngaphambi kokuthi ihambe, intombazane kuthiwa iye kovalelisa kuthisha wayo naye ozwakalise ukuphatheka kabi ngokuthi iyahamba.
Uthe yize kubuhlungu kodwa uyakuqonda ukuthi kumele ihambe iyokhulela emndenini wayo nasezweni layo.
Ifike eNingizimu Afrika, ngoLwesihlanu emini lapho idluliselwe khona kugogo wayo.
“Ukubuyiswa kwakhe kwenzeke ngesikhathi esihle ngoba kuqinisekisa ukuthi uzokwazi ukuhlanganyela nathi njengomndeni aqale isikole ngale kokubambezeleka,” kusho ugogo wayo othe yisipho esihle sikaKhisimusi kuye nomndeni.
Le ntombazane ngeka-25 ukubuyiswa kuleli isuswa kwamanye amazwe.