ABAWAGQIZI qakala abaholi bePhalamende amaqembu abiza izithangami nabezindaba, ethi azothula izinkulumo zawo ezibhekiswe esizweni, iSona.
USomlomo wePhalamende uNkk Thoko Didiza noSihlalo weNdlu yoMkhandlu weziFundazwe uNkk Refilwe Mtsweni-Tsipane, bathe abanandaba nalawa maqembu ngoba yinto ahlale eyenza.
Bakusho lokhu nje iqembu Umkhonto weSizwe, lihlehlise isithangami salo ebesizoba ngoLwesithathu, lapho belizothula inkulumo yalo ebhekiswe esizweni.
Le nkulumo ihlehlele uFebhuwari 11, ePhalamende. Kulindeleke ukuthi ithulwe ngumholi waleli qembu ePhalamende, uDkt John Hlophe.
“Amaqembu ahlale ebiza izithangami zokwethula izinkulumo zawo ezibhekiswe esizweni. Yinto esingenandaba nayo ngoba abantu bakuleli bayazi ukuthi le nkulumo yethulwa nguMengameli wezwe,” kusho uNkk Mtsweni-Tsipane.
UNkk Didiza uthe abantu abethuki ngoba bayazi ukuthi ubani umengameli wezwe.
“Abezindaba baze bayihlaziye isonto lonke le nkulumo, ngakho abantu bayazi ukuthi ithulwa ngumengameli,” kusho uNkk Mtsweni-Tsipane.
Laba baholi bathe kuzoba nenkulumo mpikiswano kwinkulumo yeSona kamengameli Cyril Ramaphosa ngoFebhuwari 11 no-12.
Bathe ngoFebhuwari 13, uzobe esephendula kule nkulumo.