UBUKEKA ebuye ngezinkani eduze kweSilo uMntwana omkhulu wasoNkweni, u-Africa Zulu. Ubuya nje, iyaqina eyetulo lokugudluzwa kukandunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi.
UMntwana u-Africa uke wathi ukunyamalala emehlweni abantu emva kokuxoshwa kwakhe esikhundleni sokukhulumela iSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Waxoshwa emva kokuqokwa kukaButhelezi njengondunankulu kaZulu, uButhelezi waqoka ukuzibambela ekukhulumeleni iNgonyama.
Muva nje, uMntwana u-Africa ubonakala eseduze kweSilo, kuthiwa ubamba imihlangano emide neNdlulamithi yamakhosi.
Ngakolunye uhlangothi uButhelezi ulengelwa yizembe ngoba kuthiwa kukhona abapheka itulo lokuthi axoshwe.
Ngokuthola kweSolezwe Ngempelasonto, muva nje uMntwana u-Africa ubambe imihlangano emide neNdlulamithi yamakhosi.
Ezinkundleni zokuxhumana kusabalale izithombe zeSilo noMntwana u-Africa, lapho bebezikhululekele khona.
Umthombo utshele Isolezwe Ngempelasonto ukuthi maningi amathuba okuthi uMntwana u-Africa abuyele ehhovisini leSilo.
“Noma ngingazi ukuthi uzokwenzani khona kodwa yena uzobuya. Uhlezi ekusho ukuthi uyabuya. Kula masonto edlule usebe nemihlangano emibili neSilo. Imihlangano yakhona idonsa isikhathi eside, nokusho ukuthi kukhulu okusuke kuxoxwa.
“Empeleni nje, bayazwana kakhulu neSilo. Nangesikhathi exoshwa waqhubeka nokuxhumana neNgonyama. INgonyama iyakholelwa kakhulu kuyena. Sekukaningi ima naye uma kunezinkinga.”
Ebuzwa ukuthi ngabe usebuyile yini ehhovisini leSilo, uMntwana u-Africa uthe kukhona into asayilindile ngaphambi kokuthi aphawule ngalolu daba.
Ubethembise ukubuye ashayele intatheli uma esekutholile lokhu akulindile.
Ngesikhathi exoshwa esikhundleni uMntwana u-Africa wenza izinsolo zokuthi uxoshelwe ukulwisana nalabo abazama ukulawula iSilo.
UMntwana u-Africa kuzokube kungekhona okokuqala ekhuza ibuya ehhovisi leSilo.
Wake waxoshwa njengomkhulumeli weSilo emva kokuxabana nowayengundunankulu kaZulu ngaleso sikhathi, inkosi Mangosuthu Buthelezi.
Nokho kwathi ngokuhamba kwesikhathi wabuye wabuyiswa esikhundleni.
Ukungaboni ngaso linye kukaMntwana u-Africa, noMntwana wakwaPhindangene kwaqhubeka noma uMntwana u-Africa esebuyiselwe esikhundleni.
Kwaba nezikhawu lapho ababekhipha khona imibiko eshayisanayo ngezindaba ezithinta isihlalo.