USIHLALO we-IFP KwaZulu-Natal ophinde abe uNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Thami Ntuli, akaboni kuyinto okufanele imqwashise ebusuku ukungahoshelani kukaMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, nabaholi be-ANC.
UNtuli uthe ayikho inkinga etheni phakathi kukaButhelezi nabaholi be-ANC KwaZulu-Natal, wakhala ngokuthi le ndaba yenziwa ihaba ezinkundleni zokuxhumana.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eThekwini izolo.
UNtuli usho kanjena nje kunemibiko ethi abanye abaphathiswa baKwaZulu-Natal abasamuzwa kahle uButhelezi, kuthiwa abanye bayingxenye yetulo lokuthi akakhishwe kwesokuba uNdunankulu kaZulu.
I-ANC KwaZulu-Natal yaphumela obala, yakhala ngokuthi uButhelezi usebenzisa budedengu isikhundla sakhe. Yathi kayeneme ngokungenela kwakhe komasipala abaphethwe yiyo.
UNtuli uthe izinkulumo zabaholi be-ANC azisho ukuthi kunenkinga okufanele azikhathaze ngayo.
“Ezinye zalezi zinto siyaye sizibone zikhulunywa ezinkundleni zokuxhumana. Uyaye uthi uma usuzilandele, ubone ukuthi akukho nkinga etheni lana. Nalana ngesikhathi ziqala izinkulumo, ngakhuluma nabo bonke abathintekayo. Ngathola ukuthi incane inkinga ekhona.”
UNtuli uthe kulindelekile ukuthi kube nokuphambana kwemibono kubaphathiswa abakwiKhabhinethi yakhe ngoba baqhamuka emaqenjini ahlukene.
“Amaqembu esiqhamuka kuwo anemigomo engafani. Ngisho kuphethe iqembu elilodwa, kuba khona ukwehlukana ngemibono. Lena into ejwayelekile.”
UNtuli uthe ujabule ngabo bonke abaphathiswa abayingxenye kahulumeni wesifundazwe.
“Bonke abaphathiswa basebenza ngokuzimisela nangokuzikhandla. Ukubambisana nokusebenzisana kahle kubuyisa ithemba ebantwini baKwaZulu-Natal. Njenge-IFP siyaqhubeka nokubamba iqhaza elibalulekile kuhulumeni wesifundazwe, sibeka phambili ukuxazulula izinkinga ezikhungethe abantu.”
UNtuli uthe sebeqalile ukulungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya oluzokuba ngo-2026.
I-IFP yabuya ngamandla okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2021, yanqoba komasipala abaningi baKwaZulu-Natal.
Le nhlangano iyaqhubeka nokwenza kahle okhethweni lokuchibiyela oselube khona esifundazweni.
UNtuli uthe bahlose ukuphinda benze kahle okhethweni oluzayo.
Uthe akubathusi ukufika ngamandla kwe-MK, eyathola amavoti amaningi KwaZulu-Natal ngesikhathi kunokhetho lwangoMeyi.
“Ukufika kwe-MK akusikhathazi. Siyayihlonipha njengoba sihlonipha wonke amaqembu ezepolitiki abevele ekhona. Kodwa iqiniso lithi i-IFP iyaqhubeka nokwenza kahle okhethweni lokuchibiyela esesibe nalo KwaZulu-Natal emva kokhetho lwangoMeyi.”