UMCULI uWinnie Khumalo useveze ukuthi sibi isimo endodakazini yakhe engumculi uRethabile, esesibhedlela ngemuva kokudliswa ushevu umngani wayo.
UWinnie uveze ukuthi lolu daba ubekhethe ukuthi alufihle kuze kube indodakazi yakhe iba ngcono kodwa kunalokho isimo sayo siba sibi.
Echaza ekhasini lakhe ku-Instagram, uthe indodakazi yakhe isihlale isikhathi esingaphezu kwesonto esibhedlela kanti odokotela sebeyihlinze kathathu.
“Ulwela impilo yakhe esibhedlela futhi isimo sakhe kunokuthi sibe ngcono sibi kakhulu. Ngakho ngibone kungcono futhi kudingeka ukuthi ngitshele abalandeli bakhe lezi zindaba ngingathuli ngoba kimi zibuhlungu. Ngemuva kokuhlinzwa izikhawu ezintathu bekungathi isimo sizoba ngcono kodwa kunalokho kuya kuba kubi nakakhulu. Uyakhombisa ukuba ngcono kodwa isimo sakhe siphinde sishintshe sibe sibi kakhulu,” kusho uWinnie.
Ube esenxusa abantu ukuthi uyacela bamthandazele njengoba nakuye njengomzali lesi simo sinzima.
Akavezanga ukuthi indodakazi yakhe ilaliswe kusiphi isibhedlela.
Ozakwabo abaqhamuka emikhakheni ehlukene zibamangazile lezi zindaba futhi bazwelana naye ngalesi simo abhekene naso.
Inkosikazi kaHhashi Elimhlophe, uLinah Ngcobo uthe: “Siyakhuleka sthandwa sami konke sikunikela kuMdali njengoba kusho umbhalo ka-Isaya 53v5.”
Umlingisi uLerato Mvelase uthe: “Hhayi bo sengathi uNkulunkulu angangenelela.”
USdumo Mtshali uthe: “Sengathi ungalulama ngokushesha, uNkulunkulu akupholise Rethabile.”
Kwenzeka lokhu nje, lo mculi emasontweni amabili adlule ubesanda kukhipha ingoma yakhe entsha ethi EGalile.