UMCULI ozakhele udumo ngezinkondlo esese-high school uthi inhloso yakhe yokungena emculweni wukukhombisa abanye abaculi ukuthi ungakwazi ukuhlanganisa, igqom, ama-piano nekwaito kuphume umculo omnandi.
UPhilani Buthelezi odume ngoP-Lado, uthe uzokhipha umucu wakhe oqukethe zonke lezi zinhlobo zomculo ngomhla ka-15 Septhemba 2023.
UP-Lado uthi kudala angena endimeni yomculo kodwa uqale ukugqama esesebenza noJomo Biyela ngo-2010.
“Bengaziwa kakhulu njengentwana kaJomo (isikhulu seRichards Bay) ngoba sasisebenza ndawonye eMnyangweni wezeMidlalo,” kuchaza uP-Lado.
Uthe abantu abamenze waba nothando lomculo wekwaito nguLvovo Derrango, Professor, Big NUZ noTzozo. “Kwangijabulisa kakhulu ukuhlangana noTzozo kube nengoma engiyenza naye.
Ngingasho nje ukuthi noma sengigxile kwikwaito kodwa ngiqale nge-hip hop. Kule ngoma ebizwa ngoMjolo ngisebenze noKalvinator noBhar,” kuchaza uP-Lado.
Uphethe ngokuthi akangabazi ukuthi abantu abaningi bazoyithokozela ingoma yakhe. Uveze ukuthi useke wasebenza nabaculi uTarget noNdile, DJ Nkoh, Dust Nkosi, Costa Dolla, Adanoni, Sbo Khathi nabanye abaningi.