UMNDENI kasomabhizinisi uJabulani “Mjay” Zama obengumnikazi wendawo yobumnandi iYadini Lounge eMlaza, unxuse amaciko aKwaZulu-Natal abezobhonga emswanini ngokudlula kwakhe emhlabeni, ukuthi abumbane ngeqiniso ngoba yena ushone ebalisa ngokulahlwa ngabantu abesondelene nabo.
Lokhu kuvezwe ngudadewabo, uMbali Madikani, ngobuhlungu abe nabo uMjay ngokuqhela kwabantu kuye.
“Siyabonga ukuzoseseka singumndeni. Nginxusa ukuthi nibumbane ngeqiniso. Umfowethu ushone ebalisa ngokulahlwa ngabantu abasizile ukuthi baphumelele empilweni. Ngelinye ilanga sihamba naye ngemoto, waze wenza isibonelo ngokuthi ashayele ucingo omunye wabantu abebesondelene naye, ongalubambanga ucingo futhi wangabuyela kuyena.
“Ubezama ngakho konke okusemandleni ukuthi eYadini Lounge kungagcini kuvaliwe, okuyinto ebimphethe kabuhlungu kakhulu uma ebona izinto zingahambi kahle.
“Njengoba nifike ngobuningi ukuzosikhalisa siwumndeni, sicela nibumbane ngeqiniso ngoba kuba kubi ukulahlana, uma omunye esenkingeni. Nathi bekusiphethe kabi obekwenzeka ngoba siyazi ukuthi baningi abantu abasizile.
“Nangosuku ashone ngalo, ucingo lwakhe lwaluhleli kimina. Kangizange ngithole nolulodwa ucingo oluvela kubantu abasondelene naye,” kusho uMbali.
Umengameli wenhlangano yamaciko iCCIFSA, uJoy Mbewana uthe izindawo zobumnandi zineqhaza ekuphiliseni amaciko. Uthe yizona ezixosha ikati eziko, yingakho bezobhonga emswanini ngokudlula kukaMjay ngoba maningi amaciko abewaqasha.
Umlingisi wemidlalo yethelevishini obuye abe ngumculi, uSandile Dlamini, uthe uMjay ubehlala ekhathalele ukutakula indawo yangakubo.
Usihlalo weCCIFSA eKZN, uThokozani “Tzozo”Zulu uthe uMjay ubelekelela kakhulu ngemicimbi abeyiqala bese eqasha amaciko.
Umndeni uchithe isicelo samaciko abefuna ukuthi kube ne-after party, eYadini Lounge ngemva komngcwabo.
UMbali uthe bayaxolisa, ngeke bakwazi ukuwavumela ukuthi aye kule ndawo.
“Inkinga ukuthi iYadini Lounge isasizwisa ubuhlungu siwumndeni. Ngosuku ashone ngalo umfowethu, ukugula kwamqala ehleli khona Eyadini, waze waphalaza.
Kusenzima ukuthi siye kuleya ndawo singumndeni futhi ngoba ngeke siniyeke nodwa niyisebenzise, kumele sibe khona,” usho kanje.
Namuhla kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo sakhe uMjay esontweni i-Oasis kwaW eMlaza. Inkonzo yomngcwabo izoba seThe Station Urban Venue ngoMgqibelo, afihlwe emathuneni aseQueensburgh.
Isolezwe livakashele Eyandini Lounge ngoLwesibili. Bekukhala ibhungezi futhi kuvalwe thaqa.
Umakhelwane waseYadini, uNksz Khanyisile Mazibuko onebhizinisi eduze naseYadini Lounge ekhuluma naleli phephandaba, uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula kuka Mjayi endaweni.
Echaza ngoMjayi, uthe ubengumuntu onobuntu futhi ubewazisa umphakathi
"UMjayi ubengumuntu ozilungele ongasukeli muntu. Ubehlezi ezihlekela futhi ebathanda nabantu. Ubelusizo olukhulu emphakathini ngoba njengoba ebenebhizinisi kushiswa inyama nabantu ubebabhekela ngokubanika amathambo ukuthi bayoziphekela.
Omunye womakhelwane, uMnuz Xolani Mabizela, uthe akungeni ngisho ukudla. Uthe uMjayi ubegula kodwa bese bezitshela ukuthi usezoba ngcono ngoba ngoLwesine wayezithwabazela nje eYadini.
“Kuthe uma ngizwa ukuthi kasekho, ngavele ngaphatheka kabi ngoba le ndoda sisuka kude nayo. Ibingiphatha uma iya ezindaweni ezithize.”