NKOSIKHONA CELE
USEMBHIDLANGWENI wokuhlomisa amaciko ngezindlela zokukhangiswa komculo nangokuzithuthukisa kwawo kulo mkhakha, umphathi wenkampani eqopha umculo.
USphe Khanyile weMarimba Records uthe, ufuna ukulekelela amaciko akwazi ukumaketha umculo wawo, angagcini lapho futhi akwazi ukuzenzela inzuzo ngawo.
“Iqiniso lithi amaciko angakwazi ukuziphilisa ngomsebenzi wawo. Kodwa konke kuncike ekutheni ngabe wona awuphethe kanjani umsebenzi wawo,’’ kuchaza uKhanyile.
Eqhuba uthe abaculi abaningi baseNingizimu Afrika bazi ukucula nje kuphela, ababe besacabanga ngezindlela ezingcono zokumakethwa komculo nomsebenzi abawenzayo.
Lokhu uSphe uthe kuzoba lula kakhulu ukuthi akwenze njengoba esehlela ukusungula isikhungo esizocobelela ngolwazi amaciko aKwaZulu Natal nawakwezinye izindawo ezingaphandle kwesifundazwe.
UKhanyile uthe ukholwa ukuthi maningi amaciko azoncela kogwansile uma sesivuliwe isikhungo.
"Lesi sikhungo umsebenzi waso omkhulu ngowokukhulisa umqondo wamaciko. Sifuna ukuthi wonke amaciko azoba kulesi sikhungo akwazi ukumaketha umsebenzi wawo aphinde athuthuke empilweni,'' kuchaza uKhanyile.
Uthe kuyakhathaza kakhulu ukuthi namanje kusekhona abaculi abangakakuqondi ukubaluleka kokuba amaciko azimakethe ngendlela yesimanje ebandakanya ezobuchwepheshe.
"Kunamaciko angakuqondi ukuthi angasebenzisa ezobuchwepheshe ngenhloso yokumaketha umsebenzi wawo futhi ukhule. Kodwa kuningi okuzofundwa kulesi sikhungo uma sesikhona,'' echaza.
Ukhulume nangokubaluleka kokuhlonishwa komsebenzi, wathi amanye amaciko enza noma yikanjani ayakhohlwa ukuthi igama linamandla angakanani.
UKhanyile ugcizelele ukuthi uma amaciko engazihlela kahle angabonakala ephila impilo engcono kakhulu.
Akwazi nokuthi ayibone inzuzo ayenza ngobuciko.