UTHANDO lwesintu nezwe lakhe limenze waqopha ingoma eshaya ngesigqi sakuleli yize esehlala eGermany.
UPhezani Gwala waKwaNgcolosi, osehlala eHamburg, eGermany, ukhiphe umucu othi Awubambeki ngolimi lwesiZulu, yize ekhuluma nezinye izilimi. Le ngoma uyibhale yena wayiqopha estudiyo sakhe walekelelwa ngesiginci nguXolani Skhosana waseThembisa, eGoli.
UPhezani uthe ingoma igxile ebudlelwaneni bezothando nezimo ezahlukene izithandani ezibhekana nazo.
"Ingoma ikhuluma kakhulu ngothando nokuhlala uqinisekisa isithandwa sakho ngezinhloso ezinhle osuke unazo ngaso. Lokhu kulekelela kakhulu othandweni lwenu," kuchaza uPhezani.
"Ngisebenze nabaculi abaningi bowokholo, ngabona ukuthi sekuyisikhathi sokwenza umculo oqondene nami nokuqinisekisa ukuthi nangapha abantu bayazi ngezinhlobo zawo ezehlukene. Umculo waseNingizimu Afrika, uthandwa kakhulu emazweni aphesheya nokuyinto okumele siqinisekise njengamaciko ukuthi ayipheli," kusho uPhezani.
Ngaphandle komdlalo iLion King yaseGermany, uPhezani uke wenza neLion King eSingapore, naseTaiwan eminyakeni eminingi edlule.
Ulingisa indawo kaBanzai, enye yezimpisi ezintathu ezigqamile emdlalweni. "Indawo yami inomculo kodwa esikhathini esiningi ngiyalingisa koweLion King. Ngesikhathi ngiseNingizimu Afrika, bengenza kakhulu imidlalo yeshashalazi nobekwenza ngigxile emculweni. Into engifisa ukuyivuselela ngomculo wami,“ kuchaza uPhezani.
Ngaphambi kokuhamba eNingizimu Afrika, wahlabana emncintiswaneni iVoice of Choice ngo-2004 emsakazweni Ukhozi FM wathatha, omunye wabantu ayedlana nabo imilala okubalwa nomculi uDr Malinga owawina koweThobela FM, base beqhathwa kokazwelonke.