AMATHEMBA eNingizimu Afrika kuMiss Environment International eMumbai, e-India ngoLwesine, alele kwisimomondiya sentokazini yaKwaMtholo, eMtubatuba. UNokwazi Ndwandwe (26) uyena omele elakuleli kulo mqhudelwano weziphalaphala zamazwe. Uthe ukukhethwa kwakhe kuqale emuva kokunqoba isicoco sikaMiss Icora FM, eRichards Bay nyakenye.
"Ngangingacabangi ukuthi ukuphumelela kwami kuzongibeka ezingeni lomhlaba. Njengentokazi edabuka endaweni yasemakhaya, lokhu kusho ukuthi nanoma yimaphi amaphupho angafezeka uma uzinikele kokwenzayo.
Imvelaphi yakho nesimo okhulele ngaphansi kwaso akusoze kwakuvimba kolangazelela ukuba yikho."
UNokwazi uthe ucabanga ukuthi lengqayizivele yethuba alitholile izokhuthaza intsha yaseNingizimu Afrika ukuba ikubhukulele ekufunayo empilweni. "Uma unogqozi nofuqufuqu ungafinyelela nakunoma yisiphi isicongo ozimisele ngokufinyelela kuso. Okufanele ukwenze ukuba uzisondeze kubantu abafanele futhi ungakulibali ukukhombisa inhlonipho nozwelo kwabanye." UNokwazi uthe lo mqhudelwano kazime wenzeke ngesikhathi esikahle njengoba kugujwa inyanga yabantu abasha eNingizimu Afrika.
Uthe abantu abalindele ubuhle bodwa njengoba ezobe emele namasiko ngemiswenko azobe eyigqokile.
"Impahla yami yokugqoka ixhaswe wumsiki wengqephu ohlonishwa umhlaba wonke wePrecious LULU Couture. Wenze yonke into yalula ngoba usanda kugqokisa uMiss Seychelles Universe obengivakashele njengoMiss Icora ekuqaleni kwalo nyaka."
Uthe uqhathwe nezintokazi ezinzima ngempela zakwamanye amazwe lapho udaba lokuhlonishwa kwemvelo kusemqoka. "Nakuba kunjalo ngikholelwa ukuthi akukho okungangivimba ekubuyeni nesicoco ekhaya," kuphetha uNokwazi owenza izifundo zikagesi.