IZAKHAMUZI zamazwe ase-Afrika, zihlangene emakhasini ezokuxhumana zahalalisela usomahlaya waseBotswana, ohlabane ngendondo yeDigital Content Creator e-USA.
UWilliam Last KRM ongusomahlaya ongaconsi phansi ezinkundleni zokuxhumana, ubeqokelwe ngaphansi kweminxa emithatha kuma-African Entertainment Awards USA, eMelika.
Phakathi kwayo kubalwa oweBest Hip Hop/ Rap Artist, Best Comedian neweDigital Content Creator of the year. UWilliam unabalandeli abangaphezulu kuka-3 million kwi-Instagram, babewu-4 million kwifacebook, kuthi kwiTik Tok babengu-13 million. Lo somahlaya akadingi ukukhuluma kakhulu kepha imizuzu embalwa ayitholayo usanganisa abaningi ngamancoko akhe.
"Siyakubongela bhuti, ngise-Ethiopia," ebongelwa nguMiki Nejo.
"Ngikuvotelile ngiseLadysmith, eNingizimu Afrika," kusho uNjabulo Njection Njomane.
"Ikufanele impela ngiyakubongela," kusho uKudakwashe Hwapunga.
"Ngiyakubongela nami ivoti lami belikhona lapho," kusho uMaNdlovu Nyambo Mavhunga.
"Impela ukusebenza kanzima kuzala impumelelo, qhubeka nokusibusiza ngomsebenzi oncomekayo," kusho u-Eisleben Vibe Event.
"Ngiyakubongela ciko, somahlaya engimkhonzile nelingubaba, phokophela phambili," kusho uMaxim Kamara.
Selokhu ehlabane ngendondo kuvunguza umoya wenjabulo ezinkundleni zokuxhumana futhi ngenye yezinto ezihlanganisa izakhamuzi zamazwe ase-Afrika, ngemva kwesasasa lamaBhokobhoko.