UGONYULUKE ngezimo ezamqumba phansi umlingisi wakuleli obese kuneminyaka enyamalele kule ndima. UThabiso Mokhethi owaduma kwiGenerations elingisa indawo kaSamuel, ubhoboke kwiThe Venting kaGogo Skhotheni ngokulahlekelwa unkosikazi, amalungu omndeni nodumo ngesikhathi esisodwa.
"Nganginomshado omnandi unkosikazi nezingane, nginabangani bami sizula ndawonye...kodwa imali ayisekho endlini. Uthando alusekho nenhlonipho yaphela nya, izingxabano saphila ngazo. Esikhundleni sokukhula ndawonye, mina nowayenkosikazi wami sasilokhu siqhelelana.
“Konke lokhu kwenzeka ngemuva kokushiya kwiGenerations, njengeciko kufanele ngibe nokuthula ukuze ngikwazi ukusebenza. Ngazithola senginengcindezi ngingakwazi ukuphuma ngiyofuna omunye umsebenzi," kusho uThabiso.
Akuphelanga isikhathi esingakanani, wehlukanisa nonkosikazi wakhe nathi kwamshaya kwaphindelela.
Yilezi zizathu ezamenza waqhelelana noNkulunkulu wanentukuthelo walahlekelwa nayithemba.
"Ngazithola nginegcindezi ngingakwazi ukuhlenga umshado wami nokuthola umsebenzi. Safundiswa ukuthi umshado uvela kuNkulunkulu, ngazitshela ukuthi uyena osenza sibumbane. Ngithe sengibona izinkinga emshadweni ngaphindela esontweni ngoba ngithanda unkosikazi wami, ngingakhonzi yena. UNkulunkulu wakubona lokho wangawuhlenga umshado wami," kuchaza uThabiso.
Kwathi kusaqhuma isehlukaniso somshado kwabulawa umfowabo omdala owayengummeli.
"Ubaba washona, ngathi ngisabheke lokho umama nomfowethu omncane baba sengozini yemoto bashona. Ngase ngisele naye umfowethu kanti ngizothi ngihlukanisa emshadweni bese eyabulawa. Izihlobo zikhona kodwa abantu ababengithanda noma ngingenalutho babengasekho. Nowathembisa ukungangishiyi ebuhleni nasebubini wangilahla. Ngaleso sikhathi angisebenzi angikwazi nokuyothola usizo lokwelulekwa," kubeka uThabiso.
Ukuvezile nokuthi wake wazama nokukhuluma nabanye bosaziwayo ecela usizo, befunda imiyalezo yakhe bangaphenduli. Uveze ukuthi kwaba isikhathi esinzima ehlupheka kakhulu. Wayesebhekene nezimo eziningi empilweni waze waboniswa ngokuthi noma eyikholwa kodwa kumele ayobona abelaphi bendabuko ngoba kubukeka kuwulaka lwabaphansi.
Ngokudinwa nokudideka wagcina ekwenza futhi ekholelwa kukhona njengoba agcina enyangeni eyamelapha nonyawo elalimhlupha. Khonamanjalo, wezwa nezwi likhuluma naye nokwafakazela ukuthi unaso isiphiwo sobungoma. Wabe esekholelwa kakhulu kwezobungoma waze wayothwasa KwaNdengezi, eThekwini, kwaze kuba uyaboniswa ukuthi usendaweni engamfanele, wabuyela ekhaya.
Manje usethathe isinqumo sokubuyela okholweni agxile kuNkulunkulu nasimemezele ezinyangeni ezedlule.